15 | Izindaba

Friday, 11 July 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Ibuyele esigodlweni indodakazi kaZuma. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Mamuntule Magutshwa:
YENZE kahle yabuyela emzini. Yona yayizwe ngobani ukuthi kubuye kugodukwe?Β Ibanjwa insimbi ishisa ize ilothe.

02


Zagalio Mbhele:

USAZOPHINDE abaleke unomphela.

03


Sizwe Mpontshane:


BAKITHI ibuye ikhumbule ikhaya indodakazi, niyixolele.

04


Xolani Exsodus Ngubane:

ISEHLA senyuka ibhasi yakwaNobamba. Mhlawumbe ubevele ezikhumbulele ekhaya nje.

05


Mjey Ef:

NAYE usefuna ukutshelwa yonke into?
Uyadla nje usule umlomo wome kheqe.

06


Mcouloo And's:

KUNGCONO ngoba ayiphinganga, ikhethe ukubuyela kubo. Ikhumbulile ukuthi isanekhaya.

07


Zamani Masondo:

LE Nkosi iwavakashela nini la makhosikazi ayo angaka?

08


Khetha King Sphathamali Hadebe-eMsinga:

KWAKUYOKHANDWA ngayo umnotho, akunakubuyela emumva la. πŸ˜…πŸ˜…πŸ€ŸπŸ’ͺ

09


Happy Nsiko:

INGANE idlala i-chess njengoyise

10


Dumsani Dumsani:

Β ISAYOLAMBA futhi. Kayikho le nto yayo.

11


Dudu Tshwn:

NGEKE yini isabulawa yindlala nomzwangedwa? 🀣

12


Peekay Mpongo:

UMDLALO omuhle mawuqhubeke. πŸ€£πŸ«£πŸ™ˆ

0