Izindaba | 15

Friday, 13 June 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Izinyunyana zisabisa ngokunyomfa izivivinyo zabafundi. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

NGUMENGAMELI weNatu uMnu Sibusiso Malinga. 

01


Ernest Nhlangoti:
VELE umsebenzi wazo wukunyo-mfa ukuze leli zwe lingayi phambili. Bafana nse ne-opposition eyenza sure ukuthi iphikisa noma yini.

02


Nhlakanipho Blackbone Mthethwa:

YIYONA nto eyaziwa yizinyunyana  leyo, ukunyomfa. Laba bantu bafika izinto zibheda phakathi kwazisebenzi nabaqashi, bona bafike zibe worse.

03


Mholiwesihle Nxasane:

NYOMFANI, akusebenzeki ezikoleni, imali yokusebenza ayifakiwe kusukela ngonyaka owedlule. Othishanhloko sebesebenzisa imali yabo.

04


Nicky Gavu:

SELOKHU ngaqala ukusebenza, kangikaze ngijoyine nyunyana, ngoba kazinamsebenzi walutho. Uma ngixoshwa, mangixoshwe.

05


Sithenjwa Psm Nene:

SEBEKHUMBULE uswazi njalo. Phela kade balugcina, yingakho sebefuna ukunyomfa izivivinyo. Sebeyaluzingela ngempela.

06


Lungelo Puleh:

NASO isicefe sezinyunyana, zingosomathuba, ziyagwazelwa zibuye zixoshise abantu emsebenzini ngale nto yazo yokuhlomeka.

07


Nyamalele Mbundzane:

UMNYANGO wezeMpilo nowezeMfundo eKZN, ikhona inkinga futhi inkulu kuyona.

08


Mondise Sithole

SEZIYINYOMFILE. Kuyimanje kakubhalwa.

09


Mnini post:

AZIZELE yini zona lezo zinyunyana zakhona?

10


Msizi Ngcobo:

ABENZE akubonayo.

0