Izindaba | 15

Friday, 19  September  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

IChiefs Ixosha UNabi 'Ngamanga'

Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

NGUNASREDDINE Nabi waseTunisia, obengumqeqeshi weKaizer Chiefs.

01


Thokozani Snuption:

Akaxoshiwe. Amaphepha akhe eCaf kawekho esimweni sokusebenza, kungcono avele anikeze abanye ithuba.

02


Maqhinga Maqhinga:

Okusalayo Amakhosi ajabulile. ✌️ khosi4lyf✌️

03


Phumla Malinga:

Cha, akaxoshwanga, ubevele esezohamba ngoba unkosikazi wakhe uyagula.

04


Sakhile Ziqubu Sk:

Akahambe. INedbank sayiwina ngenhlanhla, usiqhathe neSekhukhune lo.

05


Buko Mchunu:

Hhayi kulungile noma ngabe uxoshwe ngani bakithi.

06


Linda Ijaccuzi YeNdlamlenze Mthembu:

IChiefs le nto eyenza kuNabi izoyifaka kwenkulu inkinga.

07


Banele Luyah:

Akahambe.

08


Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:

Angifuni ukungasho, kwazi sholo legenge ephaphayo, inhliziyo yami ibuhlungu ngokuhamba kwale ndoda.

09


Bongiwe Prudence Mvelase:

Kodwa uxoshelwani? Thina besimthanda, uyilungisile i-country 😂😂

10


Sifiso Welly Mabi:

Amanga lawo, ayikasholutho iChiefs.

11


Hope Thandi:

Izophinda ilande omunye udoti futhi. Hheyi ngoba futhi le kilabhu madoda!

12


Nsimbi Mbiza:

Angithi isifuna lo wePirates.

13


Sanele Msimula:

ISekhukhune iyashayana, kuze kuhambe uCoach.

14


Thobeka Oyislender Shenge:

Akahambe engaqalazi emuva, ngisho kungaqhuma isibhamu.

15


Balindi Mjoli Sijaka

Kuhle. IChiefs ayikwazi ukudliwa kanje esandleni sakhe, makahambe.


0