15 | Izindaba

Friday, 03  October  2025

Imibono

Yabafundi beLANGA odabeni oluthi:

IFifa iphuce iBafana Bafana amaphuzu amathathu ngokubophela uTeboho Mokoena kungafanele

Image

NGUMDLALI weBafana Bafana uTeboho Mokoena owadlaliswa kungafanele, ngenxa yamakhadi aphuzi, iBafana ibhekene neLesotho kowokuhlungela iNdebe yoMhlala yeFifa, engonyaka ozayo

01


Peekay IGrootman Brown:

Kwasiphinda lokho, sekumele sithathe ama-calculator.

02


Jeza Mandlamj:

Uzokwenziwani lo okuwuye owahluleka ukwenza umsebenzi wakhe.

03


Peekay IGrootman Brown:

Kumele siyishaye ngo-6-0 iZimbabwe khona sizoba ne-goal difference engcono kuneBenin.

04


Jeza Mandlamj:

ISouth Africa ayidinge kuncika kweminye imiphumela ngoba izoyiwina ngembudlu yamagoli yomibili le midlalo, ngaphandle-ke uma izozithambisa.

05


Njabulo G Cele:

Phansi amaphaphu. Kumnyama, kubomvu, siyaya e-USA ngonyaka ozayo. IBafana Bafana izoyinqoba yomibili le midlalo esele.

06


Nkululeko Ngcobo:

Amandla endoda awapheli. Asethembe ukuthi uzosithola isijeziso esimfanele loyo ongawenzanga umsebenzi wakhe.

07


Qhude Lomlungu Ngema:

Kwashintsha ukudla epuletini, ngenxa yamakhehla aqashana ngobungani🚮

08


Sfiso Inno Feeljoy Luthuli:

IBenin iphezu kwethu kanjani sibe sayidla? Sayishaya thina iBenin ekuhambeni,ngo-2-0, nango-2-1 ekhaya.

09


Bhekinhlanhla Mdletshe:

Kungenxa yobudedengu bezikhulu. Kukhona okumele ajeze ngale nto.

10


Sifiso Welly Mabi:

Niyoze niyibone leFifa yakhona. Uma kuza kwiBafana, iyashesha, kodwa uma kumele kusizakale thina, ihudula izinyawo.

11


Sithenjwa Psm Nene:

Yeka okwami okwezandla, ukube okwezinyawo ngabe kuyazihambela. Sengibuyele futhi ekuminceni. Ngiyohlale ngiwuMaminca nje bakithi 🤣🤣🤣🤣🤣

12


Bryann Fuze:

Abantu beSAFA ngamahlathi, bahlezi besihlaza.


0