15 | IzindabaΒ
Friday,Β 18 September 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: I-ANC ichithwe yinkantolo kolwamakhansela angabhalisiwe, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Khayelihle Nkosi:
Siyabonga nkosi yenkantolo, baze babanjwa ofishi.
Mzamo Madide:
Yeey izinto ziyajika emhlabeni. I-ANC yayazi ukuthi iyobusa kuze kubuye uYesu... kunjani manje? π€£
Alex Van Der Walt:
Bese bekhohliwe ukuthi kabasaphethe bodwa.
Sabelo Zulu:
UNkulunkulu ubathanda bonke abantu bakhe. Siyovotela iMKP.
Nana Madide:
Akuqali ngabo. Iminyaka ewu-5 iwubala, neNFP kwake kwayehlela, nakhu isekhona, futhi iyaphila.
Thobani Mphiliseni Ncanana:
Sibonga i-GNU, phela ukube baphethe bodwa, bebezongena nje kuleyo IEC.
Mzakes Nyanganduna:
UThixo usebenza emfihlakalweni. π€£
Thabang Richman Mdadane:
Win thina. πΊπΊπΊπππ
Thandi Mfolozi:
Uyikhiphe ngokwakhe umoyongcwele. π€£π€£π€£π€£
Sibusiso Dlamini:
Β Siyabonga kuNkulunkulu wobuhixihixi. Sengathi engasikhumbula ngale nto enhle kangaka nango-2029, kwiNational and Provincial Elections!
Zweli Mphala:
Siyabonga kwi-IEC. I-ANC izitshela ukuthi yiyona kuphela eyazi umthetho. Ifuna ukwenza intando yayo, ikhohlwe wukuthi iminyaka ayifani, nokwenza akufani.
YisekaBazini Nkulu Somnyama:
Kuyaqala ukuthi i-IEC yenze iqiniso.
Ndah Luthuli:
Ngaze ngasaba, ama-by-election azokhandwa ngenhloso kulezi zindawo ebinamandla kuzona i-ANC. Baphela abantu benkosi.π’
Khulekani Sondiya Buthelezi:
Le ANC yenu izobulala abantu abazongena ezikhundleni zobukhansela ukuze kube nama- by-election,ππ uzothi ngasho.π€π½π€π½
Sanele Mkize:
Nazo-ke. π Kumele kuxoshwe abantu. Kazi ngubani okuzothiwa ijazi maligcwale umoya?