15 | Izindaba

Friday, 17 October  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ONLINE oluthi:

Basonga ngokuvala amabhizinisi abaqashe abantu abakuleli ngokungemthetho. Nansi imibono:

01


Siboniso Mathe:

Sesiyovota, angithi?
Manje bakhuluma le nto esifuna ukuyizwa. Nani-ke ngoba ningo-thathekile, nizobona ukuthi baqinisile, niphinde nibabuyisele emandleni.

02


Zakhele Mbokazi:

Uma lokho kushiwo yi-ANC, inamanga. Ifuna amavoti ngonyaka ozayo. Please, vukani emaqandeni bantu baseMzansi, sebedlale ngani kwanele manje. Nihambise izingane esikoleni ziqedile, kodwa zihleli egcekeni, ezabangani babo bokufika zibe zidla kahle. 🤔

03


Lungisani Ngubane:

Kodwa kwakoze kube yinini benza sengathi kababoni?
Aphi amanga omphakathi?

04


Phiwayinkosi Inhlalisolimini Ntetha:

Awuuu?
And baningi kabi la emakhaya.

05


Ayizondi Inkabi:

Kukhona abantu abahlale bekhuluma inganekwane uyazi.

06


Xolani Cele:

Seniyasebenza-ke manje ngoba sekusondela ukhetho. Kodwa-ke yiyona nto esiyifunayo lena.

07


Mabongi Thabede:

Wee akasiyeke lona!
Angithi nibayeka ngamabomu.

08


Mhlawelanga Mhlawelanha:

Wawumgcinenini uSihle Zikalala?

09


Maxè Khothakome:

Manje abanamaphepha kusho ukuth lesi skill sokulima abanaso thina asinaso yini?

10


Prince Mkhwanazi:

Kumele babe namaphepha ukuze baqashwe ekubeni abaseMzansi bengasebenzi. Iyagula i-ANC. Ngubani nje owalana osebenza eZimbabwe?

11


Zafika Sonosini Kimi:

Abaholi be-ANC kabazazi ukuthi bafunani. I-March and March ithi abahambe, bona bathi cha.
Jikijiki manje sebethi abahambe? 
Weeeee.

12


Thulsile Thuli:

Elethu hawu! Bekuyoba nini izingane zethu zingasebenzi, kunabasuka kwamanye amazwe basebenze kalula ezweni lethu?

13


Mzakes Nyanganduna:

Baze bakhishwe nje, bangene kanjani kuleli lizwe mxm?

14


Xabhashe Xulu Makhathini:

Ayiqali le nto, bayadrayisa laba. NoZuma wafika ngesikhathi esawu-president, wayilwa le mpi ezifikela, kodwa babefihlwa.

15


Jabulani Thulasizwe Mchunu:

Ukukhuluma akulingani nokwe-nza. Abaqashi kabanandaba nalowo mthetho ngoba kawubavimbi ukuyovula ibhizinisi kwenye indawo, bafike baqashe abanye bokufika.

Kwenzekile eMandeni, bathutha baya eSpringfield, baqhuba umkhuba wabo, angikaze ngizwe kuthiwa utheni uhulumeni nezisebenzi zakhe ngalesi siga esagilwa ngamaShayina.

16


Zenzele Xulu:

Abaye nasemakhishini kugcwele bona abakoMalawi. Kukhona omunye nje owabulawa yiMalawian, laqeda lalanda elinye iMalawian, lamfaka lapho.

17


Bucsman Tshabangu:

Yile nto ebekumele yenziwe kwasekuqaleni nje. Umqashi umqasha kanjani umuntu ongenamaphepha okuba la?

18


Buti Phumoh Ngcobo:

UMjomana usemfakile noMsihlez ekutheni kusetshenzwe ukulwa nale mpi. Kade phela uMsihlez azisonga izandla enganyakazi.

19


S.Jabulani Mngomezulu:

Aiy aiy Sihle Zikalala.
Uma nicabanga ukuthi sonke singabaseNdwedwe, nigejile. Niqale nini ukubona abantu abala ngokungemthetho ukuthi
ku-wrong ?
Kahleni ukusenza oKhehlelezi nina.

20


Jobe Sithole EMsinga:

Ngoba sekuzovotwa, mabayekele iMKP iqhubeke nomsebenzi eziqalele wona, wokukhuculula abokufika.

I-ANC yehluleka kudala, ayizihluphi nangoku-amenda umthetho as the rulling party.

Kanti noPremier uMnu Thami Ntuli wake wazama esafika, babuye bamkhuza wayeka, so let the MKP stand for the poor and unemployed, singazi-ke nayo noma izoshintsha uma isisema-ndleni okubusa kusasa.

21


Cebo Zulu:

Abake beze nangapha phela eNorth West, koMarikana, eyi bagcwele laba bantu la. 

22


Makhekhe BabakaGcokama Hlongwane:

I-ANC icabanga ukuthi sabase e-EC sonke. 😏😏

23


Bhekinhlanhla Mdletshe:

Noma ngabe banawo amaphe-pha, makuqashwe abalapha, ngeke kuhlupheke izingane zethu kuhlomule izihambi.

24


Muzi Bravo:

Babona ngoba iMK labour desk ilwa nale ndaba, bona bathule ngapha, oNomagugu baxoshisa abantu bangapha ukuze kusebenze abokufika.

25


Siyanda Thokozani:

Sekuzovotwa. 🤧🤧🤧 ethiiiii!!!🤒

26


Sipho Mavuso:

Siyabonga iMK ukuvusa omakhelwane emaqandeni.


0