14 | Izindaba

Friday, 12 June  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Umuzwa wobumbano u-Asavela Mngqithi ebonakala noyise, baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:

Image

NGU-ASAVELA Mngqithi ongumlingisi wemidlalo kamabonakude, noyise uManqoba Mngqithi ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows.

01

Busani Zituse Mahaye:

OkunguMngqithi kwakuyiphika le ngane.

02

Simangaliso Zwane:

Kwakuhle lokhu engikubonayo. Ubaba nendodakazi bebuyisana. 🙏🏾 Ubudlelwano phakathi kukayise nendodakazi bunamandla.

03

Zandile MaPhambuka Ngubelanga:

 Untombikayise.

04

Siza Ntombi KaMasenginja Zuma:

 Baze babahle.❤️❤️

05

Sipho Dumisani Ehlalankosi:

Uqonde ukusitshela ukuthi sonke lesi sikhathi bebengaxhumani, ayogana aze abuye emendweni? Ubaba lutho nje empilweni yakhe?
Sengifisa nokwazi ukuthi kwakwenzekeni.

06

Samkelisiwe Buthelezi:

Intombazane efana nobaba wayo.

07

Sithenjwa Psm Nene:

Ngempela uqinisile. Leli yithuba elikhethekile, futhi elifiswa ngabaningi, kodwa bagcine bengalitholanga. Qhubekani nibe wumndeni othokozile.

08

Mzakes Nyanganduna:

Ubangani nomuntu omdala wena?

09

Bingi stylish designs:

 Kushoda umama.🔥🤞💯

10

Comfort Madonetsky:

 Kuhle, futhi kuyancomeka.

11

Bhekinhlanhla Mdletshe:

Ngiyayithanda le nto engiyibonayo kubaba nendodakazi.

12

Khulekani Vincent:

Kazi kwakubangwani ngoba kade sazi ukuthi ubaba wakhe nguManqoba.

13

Charlotte Shuku:

Nibahle yerrr.

0