14 | Izindaba 

Friday, 16 October 2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umana ona-16, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:

Image

01


Bhele Ndamane Soso Mkhulisi:

Umfana ona-16 ubefuna uthando naye enkundleni yabathungatha uthando? Waze wafika kanjani kwamfundisi? 🤔🤔🤔

02


Viva Schotho Mahlobo:

Ebefuna uthando lwani? Akacaphuni ngani kulolu lweNkosi olungangolwandle?

03


Sbusiso Scelo Ngubane:

Ngabe kubhalwe ngisho isibongo sakhe ukube usonta phansi kwezihlahla.

04


Sim Rsa:

Ongenasono makathathe itshe amshaye.

05


Mhle Mhlekazi:

Wiiiiiiiii yeyi nkosi yami! USathane waze wabukisa ngabefundisi.

06


Sifiso Zulu:

Uhulumeni mawuvele uyivale le nto manje, vele abelungu basifica singasonti ndawo.

07


Ntombie Ncams Mavelas:

Waze wangcola boh. Bebangaka abantu besifazane ebandleni, ubengasheli ngani? Waze walihlaza ibandla lakhe.

08


Nhlakanipho Injulab'chopho Mncube:

Le nto yamasonto noma ingamane ivalwe, vele iwumsangano.

09


Smangele Penelope:

Ayisale isibuya iNkosi uJesu izolanda ibandla layo, sekuyisikhathi. Kunini ebikezela ukuthi uyabuya uJesu, kuyonakala manje.

10


Mawabafana Ngxabi:

Kalikho ibandla elingenawo amahlazo akhona. Kuyefana nasemindenini yenu, ninamahlazo okungathi uma siwezwa manje, sibabaze kuze kushone ilanga.

11


Hlumi KaMlombi:

HHayi malikhale icilongo bethuna, liphelile izwe. 😰😰😰😰

12


Phiwokuhle Kamazwide Shezi:

Jesu wami, esontweni pho?

13


Siyanda Arthur Njilo:

Imigulukudu vele igcwele laphaya emapulpiti. Kukhona omunye obulale ingane, wadlwengula unina wayo lapha eDiepsloot.

14


Pelisa Ntlonti:

Umfundisi makaboshwe ukuze nabanye abefundisi babone ukuthi likhona ijele. Kodwa-ke umuntu ona-16 ufunani kuma-dating apps?

15


Cebelihle Valentine Khanyezi:

Waze walibolisa ibandla lethu, Jesu.

16


Gcwabe Gcwabe:

Othi akanaso isono uyazikhohlisa. Munye umthetheleli.

17


Nana Ndaba:

Nkosi Jesu nqaba nebandla lakho, malibe ngumakoti ocolekileyo. 🙏

18


Kwazikwenkosi Wakwa Mngomezulu:

Kunini ngithi mayivalwe le nto yamasonto ngoba le eniyenza lapho, kayikho bazalwane!

19


Xolani Khabazela:

Baphelile abafana yibona abefundisi nababhishobhi.

0