14 | Izindaba
Friday, 20 February 2026
Mzakes Nyanganduna:
BESE uhulumeni uqamba amanga uthi udala amathuba emisebenzi.
Mancinza Nondaba:
IVALWA kanjani inkampani, siwuthenga ushukela?
Kanti iphi imali abayitholayo?
Khulekani Madondo:
ISHONEPHI imali eyenziwa yile nkampani?
Nabelungu bayabona ukuthi siphethwe yizigebengu, nabo bayayeba imali.
Khethukuthula James Ndwandwe:
ZININGI izinto eziwa phansi kukaRamaphosa. Sibala iPost office, ama-cinema, manje sekuyiHulett. Hhayi shame! Ngishaywa amahloni. Kunabantu abasabeke ithemba kuRamaphosa.
Xolani Khabazela:
KUYIHLAZO elikhulu ukuvalwa kwale nkampani. ITheku linamapulazi angaka kamoba. This is a result of poor leadership and governance.
Mondli Incekuu Duma:
YINI ngisole sengathi bafuna ukusebenza ngama-Agent, hhayi ngoba inkampani ivala njengoHulett oseClairwood, zisha ngama-agent.
Yenamuntu Nduduzo Ndimande:
CHA imali yadliwa yila maBhunu awu-6 aboshiwe. Adla ama-billion kaHulett. Makungadlalwa ngohulumeni.
Bongumusa R Mtshali:
BAPHI osomabhizinisi, bathenge le nkampani ingavalwa?
Ushukela unemali eningi kabi!
Sboniso Nhlangothi:
USUZOBIZA-ke ushukela.