14 | Izindabaย
Friday,ย 18 September 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi: Umndeni uveza imizuzu yokugcinaย
ka-Owen Ndlovu, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Mlungic Ntinga:
Leli zwe ngeke liphinde lilunge ngoba ababulali nabadlwenguli banikwa izigwebo ezintekenteke. Umuntu osejele uphila kahle kunomuntu ongaphandle. Mhla kwabuya isigwebo sentambo, liyoqonda leli zwe.
Ntombenhle Zulu:
Lafa izwe lethu sibhekile. Ngenelela Jehova. ๐๐๐
Ntethe Ndlovu:
Kodwa Jehova kanti leli zwe esiphila kulo linjani? Bebengeke nje bathathe imoto, bamshiye ephila? Lala uphumule Gatsheni, Boya Benyathi.
Kwenzokuhle Sithembiso Phuthini:
Impilo inzima. Sesizosaba koze kube nini thina siqedwa vele?ย
Mike KaFisela Wakwa Sibiya:
Ulale kahle Zingelwayo, sengathi ungazilwela kulabo abathathe umphefumulo wakho.๐ข๐ข๐๐ Hawu madoda! Kade ngibona umfana wakho nje la eDannhauser ngesonto eledlule ๐โโ๏ธ๐โโ๏ธ
Mantombi Gumede:
Nkosi yami, kanti wayaphi unembeza ebantwini? ๐ญ๐ญ๐ญ๐ญ๐ญ
DT Ndlovu Ndlovu:
Cha kodwa Nkosi yami bayozilanda abazenzile kulo mhlaba. Ngithi dudu kinina boBoya Benyathi, ukhona umnikazi wezimpi. ๐ฎโ๐จ
Khosi Ngcobo:
Gauteng ungubani naaaaa? Kwaze kwanzima ezweni.
Irene Mthethwa:
Kwaze kwanzima ezweni lethu. Sale sewubuya Jesu. ๐ญ๐
Alwande Amangxongo Mhlebi:
Nisola umkakhe kanjani esezinhlungwini? ๐ช๐ช
Mandu Lindani Zindela:
Ubugebengu budla lubi kwelakithi, asiphephile ezweni.
Sipho Msweli:
Kazi sibulawelwani ezweni lethu? Hawuuuu kodwa babulali niyizinja. ๐ญ
Mkhumbuleni Sicelo Hadebe:
Lifile izwe madoda. Izinto zenzeka kalula, mhlawumbe futhi akukaboshwa muntu.
Dumisani Nkosi:
Hhayi muzi omnyama sekwanele manje, asiyekeni ukubulalana sodwa.
Mahlengi Ndaba:
Uphi u-president waleli zwe, uthule uthini uma kunje?
Siphiwe M Cebekhulu:
Kodwa hulumeni sizofa kuze kube nini, sibulawa yizigilamkhuba?
Jabu Madani:
Kwaze kwanzima ezweni! Sengathi umphefumulo wakhe, ungaphumula ngokuthula, nomndeni ududuzeke!
๐๐ฅบ๐๐ฅบ