14 | Izindaba
Friday, 18 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Owesifazane uqolwe u-R87 000 yinceku ebihlala kwakhe:
Mami Shelembe:
SIYAMBONGELA bo. Okwenceku, kade sasiyikhuluma le nto yabefu-ndisi bangaphandle, kuthiwe sinosathane. Sethemba ukuthi uJesus umbonile ngesikhathi esequlekile.
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
KUSHO ukuthi ubejola nayo leyo nceku. Yaze ngani ukuthi unesamba semali engaka?
Bishop Bheki Buthelezi:
BATHI yinceku? Yingane nje le ekwi-worship team. Sebengcolisa abefundisi nje. Yingane abebe-hlala nayo, eyehlulwa yisikole.
Siza Ntombi KaMasenginja Zuma:
YINCEKU eyisigebengu, ecashe ngezwi lenkosi.
Max Gumede:
NABO abantu besifazane bangothathekile. Aze ahlale nayo inceku?
Bishop Bheki Buthelezi:
NGILITHENGILE leli phepha. Yingane le eyayeka isikole bayigona, yase ibagila.
Mdladla Dumisani:
YINCEKU eyisigebengu.
Love Bou Vets:
YINCEKU noma ngutsotsi??
Zama Mngadi:
BAZE kanjani kuthi unemali?
Skhumbuzo M'fesi Ngema:
EWU! Isamba esingaka!
Scelo Xaba:
AWU bakithi! 💔