14 | Izindaba
Friday, 15 May 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Bathi ngeke bahlukaniswe wukugxekwa abashiyana ngeminyaka ewu-44.
Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook:
NGUNKZ Nokubonga Majola (24) noMnu Gugulakhe Thabethe (68), abayizithandani ebezenze umcimbi wokwembesana. Abantu baphawula izinto eziningi ngokushiyana kwabo ngeminyaka.
Mdu Zikode:
Indoda isize iba serious izochaza ngothando lwayo. Kujwayelekile enkolweni yabo ukuthi umkhwenyana abe mdala kunomamezala.
Ntombie Buthelezi:
Waze wamuhle umakoti. Ungabanaki abakhulumayo, okubalulekile nje wukukhulisa uthando lwenu.
Mdezi Mphikeleli Khoza:
Inkinga abantu bakhuluma kakhulu. Maniyeke abantu bathandane, nihlushwe yini uma emdala?
Mthabiseng Buthelezi:
Siyambongela uVezi omuhle. ❤️❤️ Muhle umakoti wakithi. Uma u-happy nje wena Gambu omuhle. Sizalwa namasoka koThabede vele. Ukuthi ubani uthini ngani, phumani kubona.
Nelisiwe Mthembu:
Kusho ukuthi unothile umkhwenyana.
Sakhile Mayisa:
Kulo mhlaba sesiphilela ukuchaza. Kulukhuni butho likaNdaba. 😂😂😂
Clementine Zondi:
Ningabanaki abantu, khohlwani yibona. Nibahle kabi futhi niyafanelana.👌 Nginifisela inhlanhla nezibusiso.
Nolwazy Mbele:
Mina ngiphume ngiphelile ezindabeni zabantu.🤣🤣🤣
Mzamo Media:
Uchazelani? Akakweleti muntu.
Slindile Precious:
Wamlobola ngoMashi bakithi. 😂😂😂
Samu Samuke:
Nendlela yokugqoka uyabonakala umkhwenyana ukuthi mdala.
Sis Mpume Gigaba:
Eyi angangimoshi umntanami njengoba ekhonza kule nkonzo, angibuyele nekhehla. 😭 Phela uma nginqaba kuyothiwa nginomona ngoba ngingaganile mina.
Nelisiwe Njoko:
UMa uyindoda kawuchazi kakhulu mkhaya. Vele uthule, nakhe umuzi wenu, niyeke laba abakhulumayo ngoba le ndlela ngeyenu nobabili.
Andile Mzobe:
Phumani ezindabeni zabantu. Okuhle kodwa emshadweni wenu bantabami. UNkulunkulu anivikele ningaphazanyiswa yizinto ezishiwo ngabantu. 😍
Hope Thandi:
Ubabu dokotela wenu akanampilo ebizayo, siyamazi thina ngqo. Ukuphela nje uyiphanta too much.
Ndabe Mawandla:
Masethembe akanazo izingane zabafana ezingangaye umakoti ngoba kuzoba nenkinga.
Bongani Manqele:
Khohlwa ngumuntu, zenzele into yakho nje ngoba umuntu uyohlezi ekhuluma. 😗✋
Mlekeleli Mbongise Madonsela:
Asikho isidingo sokuchazela umhlaba ngothando lwenu.
Benzy Memela:
Laba bantu ba-happy uyazibonela.❤️
Fundiswa Nene:
Manje umgaxeleni umtomdala?