14 | Izindaba

Friday, 19 December  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:

Amaphaphu phansi kwabebejabulela ukubona uShwi noMtekhala (abasesithombeni esingezansi) ndawonye. Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook :

Image

01


Izindaba Online:

Kusolakala ukuthi kukhona owathi shwi nemali, kwasala umntekhala.

02


Mondise Mzukulu Ka Sizeni:

USHUKELA netiye Shwii noMtekhala. Lungisani phela, ngingasasho umntwana kaMtekhala uLungisani. Kodwa lungisani.

03


Mtungwa Omnyama Onomoya Ophansi:

VELE mina ngokubona kwami kufanele ngabe kade baqala ukucula ngokuzimela.
UShwi wayeyobelethana nendoda endala, futhi enekhono kuze kube nini?

04


Mluckiesto Zuma:

NOMA kungathiwani, sicheme udede noMtekhala.

05


Khulekani Ngele:

KODWA ngaleziya zikhathi kwakumnandi lezi zinsizwa zishaya ingoma ngokuhlanga-nyela.

06


Isinamuva Lakwethu:

LIVUSELWANI?
Aliyekwe kanjena nje, sekubona-kele ukuthi uMtekhala uyakwazi ukuzimela,  senifuna ayoxhasha-zwa futhi?
Balunge bezwana nje, njengezinsizwa eziphile ndawonye isikhathi eside.

07


Sthembiso Simelane:

SAFELWA yiqembu nokho, futhi akukho esingakwenza ngoba nathi salithanda ngoba selikhona, kasilazi zazithini izinhloso zokuqalwa kwalo.
Mhlambe selikuzuzile elalisungulelwe khona.

08


Msizy Mnyandu:

ENGAKAFIKI  uShwi akaxabana-nga noMtekhala. Sasikhona emcimbini, futhi kwasijabulisa ukubabona bendawonye.

09


Mbali Abegail:

BUYANI madoda.

10


Sbusiso Mncwabe:

CHA balunge bezwana, kodwa bangasebenzi ndawonye.

11


Mngeni Mlambo:

SEBEBADALA vele manje.
Indoda nendoda kuhle izimele ukuze izozithola ukuthi kahle kahle ingubani.

12


Thandukwazi Mkhulunyelwa Mhlongo:

ABAVELE bayeke, sesijwayele ukuthi abasekho ndawonye. 

13


Maphumy Shandu:

Awuuu..... Noma i-album eyodwa nisithi nje whibi......

14


Redboy Mnguni:

BAFOWETHU, kukho konke nje, bona kungasijabulisa ukuxolelana kwabo, bakhohlwe ngokwedlule. Siyabadinga bendawonye, badala endimeni yomculo.

15


Nkwali Umfoka Mncanengabom:

LE nto yokubuyelana kayisebenzelani. Qala uyibone emjolweni. Futhi lo we-chiskop, wakuveza ukuthi angaphila engekho lo wesiphomoliya.

16


Zwide P G Somaphunga:

MINA bengifuna babuyisane ngokwempilo ngoba bekukhomba ukuthi izinsizwa kazisaboni ngasolinye ngokomculo. Balunge impela ukuthi umuntu nomuntu makazimele.

17


Bhekinhlanhla Mdletshe:

NGIXAKWA nguMtekhala ukuthi yena ucula nini, ngoba nesigingci akakwazi ukusishaya?


0