14 |Izindaba
Friday, 09 October 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA online:
Abantu bokufika bathutheleke emahhovisi akwaNdabazabantu, eThekwini, beyofuna izimvume zokuba seNingizimu Afrika:
Skuva Magaye:
Kahle kahle sekudingeka i-shut down manje maSouth African.
Aki July:
Cha iyahlekwa nento engahlekisi! Ngempela i-ANC izama ukwenzani ngale nto eyenzayo?
Siboniso Luthuli:
Umuntu osavotela i-ANC eSouth Afrika ekekho ryt ekhanda.
Lala Cele Umafungwase:
Njengoba begcwele lapho, bavuka kuphi ngoba bagezile uma ngibona, bahlala kuphi vele? Ikhona i-camp la eDurban or imina ongazi? 🤷🏽♀️
Lindo Ngcobo:
Baphi abafazi babo pho uma bebalekela impi emazweni abo?
Amanda Gwala:
Akuyovota bona ngomhla
ka-04/11/2026.
Samke Nomah Nomandla:
Kanti yini indaba abelungu nama-China namaNdiya bengekho ngoba nabo ngabokufika?
Senzo C Mshana:
Kanti i-system ifa uma kusetshenzwa thina yini?
Ntombizodwa Lembede:
Umhla ka-4 kodwa-ke ngiwubekile. URamaphosa akanandaba nathi but abantu abazi kangcono yilaba abafuyile kuleli zwe, okungabokufika.
Zwelisha Mkhwanazi:
Eyi isixhaphazile i-ANC emhlabeni yoooh!
Gugulethu Patricia Miya:
Kanti yibaphi abahambile?
Mfanafuthi Kheh Mvubu:
Akekho nozibuzayo ukuthi why kungamadoda kuphela?
Impela kubi, lidliwe izwe lethu.
Thotho Nxamashe Tshikonwane:
Yhooo inene sekuse-Ethopia emzansi!
Phindile Mkhize:
Bazifuna sebevele belana, kanti lo hulumeni simenzeni njengoba esizonda kangaka? 😭😭
Phumlan Som'Gee Mdima:
Lihambile izwe.