13 | Izindaba
Friday, 02 October 2026
Ishay' izule: noZandile Tembe
UMGANGATHO nokubukeka kohlobo lwe-Mazda CX-5 entsha, kuzoheha abaningi emkhakheni wezimoto ezakhelwe imindeni.
Ezinsukwini eziyisihlanu ngihamba nge-Mazda CX-5, angikungabazanga ukuthi izoba ngenye yama-SUV azothatha abashayeli besimame ngenxa yentokomalo nesitayela sayo, iphinde ifaneleke lapho uhamba nabantwana.
Imanqika emigwaqweni eyimiqansa
Nakuba iyinhle futhi inobuchwepheshe obuphambili, ngifuna ukuyibona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lamalitha awu-2.5 enjini kaphethiloli, azokwazi yini ukuhambelana nokubukeka kwayo ngamandla emgwaqweni.
Lokhu ngikusho ngenxa yokuba manqika kwayo emigwaqweni eyimiqansa nalapho benginyathela ngamandla khona.
I-Mazda CX-5 2.5 AWD ngiyilande ngosuku ebeliyidliva kakhulu, ngithwele namantombazanyana amathathu ebengiyowalanda esikoleni.
Imithwalo nemigodla yawo ingene yanela kwaze kwasala isikhala ebhuthini elingamalitha awu-466, okuyinikeze amaphoyinti kumshayeli onjengami, osebenzisa imoto ukuthutha abantwana esikoleni nakwezemidlalo.
Ingaphandle le CX-5 lilodwa nje, liyakuheha kanti ukuvuleleka kwayo kwenza usheshe ubone ukuthi yimoto eyakhelwe umndeni.
Nakuba ngingakuthandi ukumatanisa imoto nobulili, kodwa ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi ibafanele kakhulu abesifazane, ikakhulukazi laba ababizwa ngomama babadlali bebhola (soccer mom). Ukuba semgangathweni kwayo kuhamba nesizotha nesitayela esilithathayo iso.
Ingaphakathi layo lilinyuse kakhulu izinga. Nezihlalo zayo zesikhumba sombala okhameli (camel), kuyenza ibe nemfudumalo usayivula nje, okwenza uzibone uyinto ephezulu ekhekheni.
Le-facelift ye-CX-5 ivuleleke kakhulu kunengaphambi kwayo, njengoba iwu-4,690mm ubude, ibe wu-1,860mm ububanzi no-1,695mm ukuya phezulu.
I-wheelbase yona iwu-2,700mm, okungisebenzele kakhulu njengoba nginabantwana abathanda nokumema abangani, okusinika isikhala esithe xaxa sokuhlala.
I-CX-5 ihamba nezihlalo ezinesifudumezi
ne-steering wheel naso esinesifudumezi. Ine-panoramic sunroof nezipika eziwu-12 ze-Bose. Ingaphakathi le-CX-5 nokwakheka kwengaphakathi layo ngaphambili yikhona okungihlabe umxhwele.
Ukuxhuma ubuchwepheshe bayo nomakhalekhukhwini wami akubanga nzima, kanti uma sengixhume konke emotweni, impilo iba lula.
I-touchcreen yayo ewu-15.5-inch enanyekwe kwi-dashboard, yenza kube lula kumshayeli ukwenza akudingayo ngaphandle kokuphazamiseka.
I-Mazda CX-5 inobuchwepheshe obusezingeni
Izinsiza zokushayela kwi-CX-5 ezihamba
ne-adaptive cruise control, blind-spot monitoring, lane-keeping assistance, automatic emergency braking nekhamera ewu-360-degree obona wonke amacala kuyo.
Idonsa ngawo wonke amasondo, kanti njengoba bengiyishayela, ikakhulukazi emvuleni akukho engikucofile, ibizenzela yona konke okudingekayo njengokusula amawindi nokukhanyisa ngokugqamile lapho kunesidingo.
Ngibe nakho-ke ukushaya amakhala kokuthile njengenjini nje, ibibuye ingasabeli ngokulindelekile, ngenjini engamalitha awu-2.5 ededela amandla awu-132kW no-240Nm we-torque, ihlulekile ukunginika okuthe xaxa.
Amanani ngokwemodeli ami kanje; CX-5 2.5 Active FWD isuka ku-R578 250, CX-5 2.5 Dyanamic FWD isuka ku-R636 000, CX-5 2.5 Individual AWD yona iwu-R717 000 bese kuthi i-CX-5 Homura AWD ibe ku-R749 100.
Zonke zingamalitha awu-2.5 kaphethiloli, nomshini ozishintshayo wamagiya awu-6. Ziza ngewaranti yeminyaka ewu-5 nodede wamakhilomitha, ne-service plan yeminyaka ewu-5 nodede wamakhilomitha.