Izindaba | 13

Friday, 09 May 2025

Siyakhula  isibalo sabantu abajoyina izitokofela

Abantu sebebonile ukuthi uma bonga imali ngokuhlanganyela, uba ngconywana umvuzo abawutholayo

Image

UKUBA lula kwezindlela zokubhanga kwabezitokofela, kwenza bande abangena kuzona ukuze balondoloze imali.

Bheki Ndlovana

ABANTU abaningi kubikwa ukuthi bancamela indlela yokonga ngokuhlanganyela ezitokofeleni, kunokuba bazongele ngabodwana.
Lokhu kuvezwe wulwazi lwe-FNB maqondana nezitokofela.

UMnu Himal Parbhoo, oyisikhulu esiphezulu se-FNB Retail Cash Investments, uthi abantu abaningi bajoyina izitokofela ukuze bonge kalula, futhi ngendlela ephephile.

Uthi ukwanda kwabantu abajoyina izitokofela kufakazelwa wulwazi abanalo maqondana nezitokofela. Ngokusho kwe-FNB, imali eyongiwa ngabantu ezitokofeleni kuleli bhange ikhule ngo-66% ngonyaka odlule, isuka ku-8 billion ngo-2023, yaya ku-R13,3 billion ngo-2024.

Leli bhange lithi futhi ulwazi lukhomba ukuthi isibalo samalungu ezitokofela ezonga eFNB, sikhule ngo-34% onyakeni owodwa nje. Kubikwa ukuthi izitokofela ziya ngokuya ziba nedumela ngoba abantu sebeyabona ukuthi uma bonga ngokuhlanganyela, bathola umvuzo ongcono kunokuba bonge ngabodwana.

Nokubhanga ngendlela elula yedijithali, kunomthelela omkhulu ekukhuleni kwezitokofela

Ngokusho kukaMnu Parbhoo, ukukhula okukhulu kwesibalo samalungu ezitokofela onga imali eFNB, kudalwa nayindlela elula yokubhanga ngohlelo lwedijithali, olubizwa ngokuthi yiDigital Stokvel Account, olwethulwe ngo-2020.

Le ndlela yokubhanga yenza kube lula futhi kuphephe ukuba amalungu esitokofela aphathe imali yawo kangcono, kanti nangesikhathi sokuhlukanisa kuba lula ngoba ivele ithunyelwe kuma-akhawunti amalungu, akunasidingo sokuba kuze kukhishwe izizumbulu ebhange, okuyinto enobungozi ngenxa yezinga lobugebengu eliphezulu.


Image

Ngokusho kwe-FNB, le ndlela yokubhanga ngohlelo lwedijithali, iyawasiza futhi amalungu ezitokofela ukuba onge imali ehlawuliswa yibhange lapho kukhishwa imali (withdrawal fees).

I-FNB igcizelela ukuthi enye into enhle ngama-akhawunti ezitokofela, wukuthi yonke imali eyongiwe kuwona iba nenzalo. Lokhu kusho ukuthi amalungu athola inzuzo ngaphezu kwemali asuke eyifakile.  
     

0