13 | Izindaba

Friday, 19 December 2025

Ibambe Mrey:                                   Mthokosizi Dlomo

Image

Shintsha indlela oshayela ngayo uma kuguquka isimo sezulu


Awukwazi ukukinatela i-accelerator, ungaboni kahle phambili


NGOSUKU enganquma ngalo ukuthi kulokhu okuncane engikukhangeza kwamlungu, ngizompintsha, ngithole okusasikorokorwana, ngangikade ngigibele itekisi elalisuka eThekwini, liya ngapha enyakatho yesifundazwe.

Izulu laliyidliva, kodwa ngathi lokho kwakubonwa yithina kuphela abagibeli, kumshayeli kwakungathi likhipha umkhovu etsheni.

Phela abanye banakho ukuzipholisa ngokuvula amawindi uma imoto ihamba uma lishisa; okusho ukuthi iFan yenyuswa nge-accelerator, incishiswe ngebhreki.

Itekisi lalihamba lishaya amaWiper eshesha, kodwa lingasuki emzileni wezimoto eziphuthumayo (fast lane).

Image

Kunendawana laphaya ku-M4, lapho lashaya khona amanzi, kwaba sengathi liyaphaphalaza, kwahhayiza omama, sonke sakhononda.

Kwaba sengathi iyezwa imambane le eyayinguMrey, noma mhlawumbe yayisethukile nayo, yathi ukwehlisa kancane isivinini.

Akobe kalingenanga itekisi emgwaqweni owuthelawayeka uN2, imambane le yenyusa umsakazo, maqede yayifunza amagalani.

Sesiyawugoqa unyaka. Njengoba bengilokhu ngigcizelela kule ngosi, lesi yisikhathi sezingozi ezinyantisa igazi, futhi yisikhathi sesimo sezulu esenza kube nzima emigwaqweni.

Ihlobo lihambisana nezimvula ezinamandla nomoya, ukuduma kwezulu nenkungu ekhasa phansi kwezinye izingxenye zezwe, ikakhulukazi KwaZulu-Natal.

Image

Indlela yokushayela mayihambisane nesimo sezulu

Ngihlale ngiyigxeka le yokuthi abantu bahambe ngesivinini esingaphezulu kwalesi esibekiwe emigwaqweni.

Noma uhamba ngaso isivinini esigunyaziwe, kunezimo ezibuye zidinge ukuthi uthi ukuyithoba insimbi, ukuphephisa impilo yakho neyabanye abasebenzisa umgwaqo.

Akukwazi ukuthi lithi liyidliva, kungabonakali kahle naphambili, wena ulokhu uwunyathelile umlilo. Ngisho ebhukwini leK53, siyafundiswa ukuthi uma umgwaqo umanzi, kwenza imoto ingabambeleli kahle phansi.

Uma amanzi emaningi emgwaqweni, uhamba ngesivinini esithile, kuyenzeka amathayi agcine esehamba emoyeni, okwenza isiteringi nebhreki kungasasizi ukulawula imoto.

Image

Yinto efanayo noma kunenkungu, kungasabonakali phambili. Ngike ngabona i-Video yengozi ebandakanya izimoto eziningi, endaweni enenkungu.

Kule video kuqale kushayisane izimoto ezimbili eziphambanayo. Emuva kwalokho ezinye zilokhu zizithelile phezu kwalezi ezishayisane kuqala.

Ngangilokhu ngizibuze into eyodwa; ukhululeka kanjani ukunyathela i-accelerator ungaboni kahle phambili?

Esinye isimo esidinga ucophelele, yilapho uma kunomoya omkhulu, abanye abashayeli abangasigqizi qakala.

Uma kunomoya omkhulu, yehlisa isivinini, uqinise isiteringi ngezandla zombili, wandise ibanga (ushiye isikhala esanele) phakathi kwakho nezinye izimoto, bese uqaphela izinto ezingapheshulwa wumoya zikuphazamise, noma uma usika izithuthi ezinkulu njengamabhasi namaloli.

Sengathi singaba ngabashayeli abacophelelayo kulesi sikhathi, sigweme ubudedengu.

Sengathi uNkulunkulu anganigcina nonke, nibe noKhisimusu omuhle, ningene kahle onyakeni omusha, futhi ube ngcono kakhulu kunalona esiwusongayo.

Uma kumele sibe semigwaqweni, sengathi sonke singafika siphephile la esiya khona.
Ukuthula Makwande!

0