Izindaba | 13

Friday, 27 June 2025

Ishaye izule: Zandile Tembe

Iwufanele umndeni iToyota Corolla Cross Hybrid Xi


Isebenza ngophethiloli nogesi, ine-wi-fi nezihlalo ze-leather...
Image

SINETHULELA ingosi ekhethekile lapho sibheka izimoto nokusebenza kwazo ngokwesidingo somshayeli.

Iqiniso lithi imoto ayiseyona into obanayo ngoba zikuhambela kahle ephaketheni, kodwa inesidingo ezintweni esizenza nsukuzonke.

Isinqumo ngemoto ozohamba ngayo sinomxhantela kokuningi; kusukela enanini layo, wuhlobo lwayo, ukudla kwayo uphethiloli, amandla kanye nekwazi ukukwenza okuwusizo ohambeni lwakho, ukunethezeka nokuhambelana kwayo nohlobo lwempilo oyiphilayo nalabo obagibeza kuyo.


Kuningi engikubhekayo nokungisebenzelayo emotweni nohambo lwami ngayo. Sengibe nethuba nenhlanhla yokuhamba ngezimoto ezahlukene nezibekwa ezingeni elihle kwezezimoto.

Iqiniso lithi ulwazi lwami ngezimoto alulukhulu, kodwa okuqaphelekayo wukuthi isidingo semoto simqoka, ngakho kuyaphoqa ukuzihlupha ngezinto ezimayelana nemoto.

Yingakho kubalulekile ukuba nengosi kwiphephandaba lakho
ILANGA Lempelasonto, lapho sidingida ngezimoto ngendlela engakusiza uma usezinhlelweni zokuthenga imoto entsha, ukushintsha lena onayo noma ukuthola ulwazi oluthe xaxa ngezimoto ngendlela engelikhuni.

Kuleli sonto sizobheka iToyota Corolla Cross Hybrid Xi

Image

* Engikubheka emotweni engihamba ngayo

Nazi izinto ezisemqoka ngemoto kimi; ukumelana kwayo nezindlela zami ezihlukahlukene kodwa zebanga elifushane.

Ngishayela kakhulu ekuseni lapho ngiyozivocavoca, ngiphinde ngihambise nabantwana esikoleni kanti nabo kunezinsuku lapho bedinga ukuba sesikoleni ngamahora asekuseni kakhulu ukuze bazilolongele ezemidlalo.

Lokhu kusho ukuthi kumele ngiqale ngibashiye esikoleni, ngizivocavoce, ngiphinde ngihambise omunye ngesikhathi sakhe sesikole nami ngibuye ngiphuthume izindlela zami zomsebenzi.

 Ngezikhathi zantambama kumele ngiwuqale futhi lo mgqigqo wokubalanda ngibaphuthumise kweminye imidlalo nokuzilolonga, ngezinye izinsuku kudonsa kuze kuhwalale. Ngenxa yalokhu, imoto engiyisebenzisayo kumele imelane nezimo, ingabi nezinkinga ezingangiphazamisa endleleni yami.


Izinto engiziqaphelayo neziba nomthelela ngesinqumo sami ngemoto yilezi; ukuhamba nokubambelela kwayo emgwaqeni, isivinini sayo - okungasho ukuthi kube yimoto enamandla kakhulu, ubukhulu bayo nokukwazi ukuthwala abantu abathathu kuya kwabane nemithwalo yabo, ukuphepha emgwaqeni nasebulelesini bese kuba ukudla kwayo uphethiloli - lena ibaluleke kakhulu kulesi simo somnotho esiphila ngaphansi kwaso njengamanje.

 • Okungihlabe umxhwele ngeToyota Corolla Cross Hybrid Xi

Image

I-Corolla Cross Hybrid yakhiwe ngendlela yokuthi iyakwazi ukusebenza ngophethiloli nogesi, okwenza ukuhlela kahle uhambo lwakho  namasenti kaphethiloli kungabi nzima.

Ngaphezu kwalokhu, ukuhamba kwayo ngamandla kagesi kusiza ekunakekeleni indalo, nokungihlabe umxhwele ngayo.

Image

Ngikuthandile ukwakheka kwayo ngaphakathi; izihlalo ze-leather, ukuvuleleka kwayo ngaphakathi okusifanele njengomndeni namadodakazi ami ahlezi ethwele izikhwama zesikole, nezikhwama zezimpahla zemidlalo eyahlukahlukene,  nezinsimbi zomculo abawudlalayo.

Image

Ngikuthakasele ukusebenzisa kalula ubuchwepheshe ku-dashboard okungangiphazamisi lapho ngishayela. Ine-wi-fi kanti, futhi inezindawo zoku-charga izingcingo, ama-camera angemuva nangaphambili akusiza lapho upaka.

Iwuhlobo lwemoto evumela ukuthi wonke umuntu ahlale anethezeke, kanti kuyathokozisa nokudlala umculo kuyo ngenxa yezinga eliphezulu lomsindo ophuma kuyo.

 • Engingakuthakaselanga yilokhu:

Akusiyo imoto enamandla, iyabubula lapho uyinyathela ngamandla nokwenza ibe nomsindo ongemnandi. Kanti nakuba iyimoto ekunika ukunethezeka lapho ushayela, iyahluleka ukumelana namajika nasemigwaqweni yethu engemihle ngenxa yama-potholes.

Ngiyincoma kakhulu ngokonga kwayo uphethiloli, kanti iwufanele kakhulu umndeni ikakhulukazi uma unabantwana nomndeni. Izilungele nezindawo ezingaphandle kwedolobha. Inani layo lisukela ku-R494 400.00 kuya phezulu.

0