13 | Izindaba

Friday, 12 September 2025

Image

I-OPEL Grandland GS Line, akekho ongajiki nayo uma ihamba emgwaqweni.

Ishay' izule no: Zandile Tembe

I-Opel Grandland yakheke ngomfanekiso onjengekusasa lezimoto kwezobuchwepheshe


Izinkampani zezezimoto zishintshe ukwenza ukuhlangabezana nomthengi


ABAKUGQIZAI qakala abakwa-Opel, okwenziwa yizimbangi zabo emakethe yezimoto uma ubheka inani lemoto yabo, nelezimoto encintisana nazo.

Inkomba yalokhu incike kakhulu lapho ubheka inani layo nokuthola kule moto uma uqhathanisa nalezo ezisezingeni elicishe lilingane nelayo.

Akuphikwa ukuthi inkampani yakwa-Opel, isineminyaka endimeni yokukhiqizwa kwezimoto, kanti isizakhele igama, futhi iyathenjwa njengoba ikhiqizwa ngamaJalimane ahlonishwa kakhulu emkhakheni wezimoto nokukhenikhwa kwazo.

Iqiniso lithi ngenxa yesimo somnotho emhlabeni wonke jikelele, nokutheleka kwezimoto ezintsha, kodwa ezingalilimazi iphakethe  lomthengi,  ikakhulukazi ezaseChina, izinkampani zezezimoto eziningi sezishintshe ukwenza, ukuze zihlanga-bezane nomthengi.



Image

I-Opel  Grandland GS Line, ikhandwe ngokwezinga eliphezulu

Iqiniso elingathandabuzwa lithi i-Opel Grandland GS Line, ikhandwe ngokwezinga eliphezulu, kanti kuningi okuzothatha abathandi bezimoto bagcine, futhi beyithenga.

Akekho obengajiki nayo emgwaqweni, kanti nalapho ipakile baningi ebengibafica beyizungeza, bethathwe wukubukeka kwayo. I-Grandland iyafika emakethe njengoba yethulwe eMzansi ngoJulayi ka-2025, kanti uma ungumuntu othanda imoto engawesabi umgwaqo nenesivinini, izokuhlaba umxhwele.

I-Grandland yakhiwe ngomfanekiso wezimoto ezibhekeke njengekusasa kwezobuchwephese (futuristic).

Lezi zimoto kazinawo amakhona ngokwesakhiwo sazo, zithathe isakhiwo esisarawondi. Kanti uphawu lwe-Opel lodumo ngaphambili emotweni, lwakheke kahle, lwahlanganiswa ngobunyoninco namathoshi angaphambili ngohlobo lwe-3D, okuyenza ibukeke kahle, kanti uma uyikhanyisa, inamathoshi ohlobo lwe-LED.

Ngemuva ibazwe kahle ngohlobo oluphambili lapho besebenzise igama i-Opel njengengxenye yamathoshi, nakhona lapho bakwenze kwabukeka kwasezingeni lezimoto zeminyaka ezayo.

Image
Image

Izokugeza ubebebe emgwaqweni le moto

Inamathayi e-alloy awu-17 inch kuya ku-19 inch, kanti uyakwazi nokuvula i-sunroof kusukela kwabangaphambili kuze kufike ngemuva, nithokozele isibhakabhaka nokukhanya kwelanga noma imvula, ishaye niyibona efasiteleni elingaphezulu.

Ekushayeleni nangendlela esebenza ngayo emgwaqweni izokugeza ubebebe. Inezihlalo ezikunika okukhulu ukunethezeka, ezakhiwe zahlanganisa isikhumba ne-suede, ezinezimbobo zokuphefumula ukuze zikufudumeze noma zikupholise lapho kushisa.

Akugcini lapho, uthi lapho uhlala, zibe zikwanga izihlalo, kanti ziphinde zikubotobotoze (massage).

Konke lokhu enakho, kwenza ngaluthakasela kakhulu uhambo lwami olude ngilibhekise eMooi River.

Image

I-Grandland GS Line idonsa ngenjini ye-turbo engamalitha awu-1.6 kaphethiloli, ikhiqize amakhilowathi (kW) awu-134, bese idonsa ngamandla awu-300Nm.

Bengithi uma ngilala emajikeni, ilale kahle, futhi ibambelele ngqi phansi, kanti nalapho ngihamba obhuqwini olunamatshe ibingantengantengi, futhi angiyizwanga imisinjwana ebingenza ngisole sengathi iyatibula.

Ikunikeza izindlela ezintathu ongayishayela ngazo, u-Normal, uSport no-Eco.
Ngike ngayishayela ngolunye usuku ngoSport, ngalibala wukuyishintsha. Cha iyawadla amagalani, kayinamngane kumathangi kaphethiloli. Idla uphethiloli usho kumalitha awu-8.4 ku-100km.

Iphephile njengoba inekhamera ewu-360 degrees, kanti iyakwazi nokukuthiba lapho usunyathela mawala.

Nalapho ususondelene kakhulu nezinye izimoto, iyakwazi ukuzifaka yona kumabhuleki.

Image

Uma ngiyiqhathanisa namanye ama-SUV, nakuba inayo imixhantela nemifakela yesimanjemanje, ngilithole lilumela inani layo, engibona sengathi abanye abathengi bazohlehla uma sebeyiqhathanisa.

I-Opel Grandland uyithola kumazinga ahlukene, kanti i-GS Line nekuyiyo ebiza kakhulu, iwu-R789 900 (incl. VAT) newaranti yeminyaka ewu-5, kumakhilomitha awu-100 000, ine-service plan yeminyaka ewu-5 njalo emuva kwamakhilomitha awu-90 000.

0