13 | Ezezimoto
Friday, 08 August 2025
ISHAY' IZULE: noZandile Tembe
IMahindra XUV 3X0, inobuchwepheshe obuthe thuthu
UKWANDA kwezinhlobonhlobo zezimoto eziza nokwahlukile njalo, kwenza umthengi adideke kakhulu kunakuqala ngohlobo lwemoto engamfanela.
Ubuhle namandla emoto, ngezinye zezinto ezihamba phambili kubashayeli, kuye ngokuguquka lapho esebhekisisa khona izidingo zakhe ngemoto, bese kuba yilapho-ke imoto emfanele ikhetheka khona.
I-Mahindra XUV 3XO, iwuhlobo lwezimoto ezingama-Compact SUV, okusho ukuthi nakuba inkulu, kodwa iqoqekile kune-SUV ejwayelekile, kanti nenjini yayo incane. Ilama iMahindra XUV300, yashintshwa ukubukeka kwayo, yaba yisimanjemanje ngaphandle nangaphakathi, kanti nobuchwepheshe buthe thuthu.
IMahindra ifanele umuntu odinga imoto ezomthatha imbeke, ongafuni okuningi
I-Mahindra XUV 3XO ngiyithole iwuhlobo lwemoto engafanela umuntu ongabhekile okuningi emotweni, ofuna okokumthatha kumbeke.
Ngiyithole ilula uma uyishayela, kanti ibingahlali izinze emgwaqweni. Ekwakhekeni kwayo, kucashunwe izinto ezithile, ezitholakala kwezinye izimoto.
Lokhu kwenza ungakuthokozeli kakhulu ukuyisha-yela ngoba awukutholi ukweneliseka ngayo, kuba sengathi kukhona okungaphelele.
Uma uthanda isivinini nemoto evumayo lapho ushintsha amagiya, i-Mahindra XUV 3XO ngeke ikunike lokho, idinga ukushayelwa ngokucophelela.
Angikuncome ukufakwa kwekhamera ekukhombisa amakhona omgwaqo lapho kushintsha umzila, imvamisa lokhu kutholakala ezimotweni ezithe thuthu, ngezinga. Inama-airbaggs awo wonke umgibeli, okuyenza iphephe nakubagibele kuyo, hhayi nje umshayeli.
Uma uzazi izimoto zokuthutha zeMahindra, uzokwazi ukwakheka komzimba wazo, kanti ne-3XO nayo iqine njengezinye izimoto zakhona.
• Kungihlabe umxhwele ukonga kwayo uphethiloli
Okuhle kunakho konke ngale moto, ukonga kwayo uphethiloli, lapho-ke ngiyincoma kakhulu, inaliti iyahlala lapha ku-F wegalani.
Injini yayo nakuba ingenawo amandla amakhu-lu, ikulungele ukuyishayela ezindaweni zasema-dolobheni nakothelawayeka bemigwaqo.
Ohlotsheni lwezimoto ezibiza kancane nezifane-le umthengi ongazimisele ukukhokhela imoto imali eshisiwe, iMahindra XUV 3XO, izokubiza kusukela ku-R259 999 akhuphuke amanani afike ku-R374 999, kuhlobo lwe-1.2T AX5L