13 | Izindaba

Friday, 06 February  2026

Ishaye
Izule noZandile Tembe

Ezezimoto

Kwenyukile ukuthengwa kwezimoto ngenyanga yokuqala yonyaka

 Abasemkhakheni wezimoto baqagula ukusimama kwawo uma kuqhathaniswa nonyaka odlule

Image

KUYETHUSA ukuthi inani lohlobo lwezimoto esisuke sizibuka zigcwele umgwaqo libuye lingahambisani ncamashi nalelo elivezwa ngabocwaningo ngokudayiswa kwezimoto.

Inyanga yokuqala ka-2026, isifike yedlula, okusho ukuthi nezibalo zokuthengwa kwezimoto sezishicilelwe.

Ucwaningo luveza ukuthi Izimoto ezintsha ezinabagibeli (passenger vehicles) zidayise inani eliwu-37 190, okuwukukhula ngo-7,1% uma liqhathaniswa nelango-2025, elaliku-34 710.
Izimoto ezithengelwe ukuqashisa zona zibe wu-13,3% kwezintsha ezithengiwe.

Kwezesisindo esincane okungamaveni amancane namakhumbi, zona zidayise u-10,996 ngenyanga kaJanuwari ka-2026, kanti ngonyaka ka-2025, zadayisa u-9 903, okusho ukuthi zinyuke ngo-11,0%.

Izimoto ezingamaveni amancane
kuthiwa yizona ezithengwe kakhulu

Abakwa-National Association of Automobile Manufacturers of South Africa (NAAMSA), kunombiko abawukhiphile ngokudayisa kwezimoto enyangeni yokuqala yonyaka.

Baqhakambise ukudlondlobala kokuthengwa kwamaveni amancane okusebenza (light commercial vehicles).

"Lokhu kungenxa yesimo somnotho esesidale ukuba iningi labantu nosomabhizinsi abancane bangene emkhakheni wokuthutha izimpahla.

"Uma ubheka indlela ukudayisa kwezimoto okuhambe ngayo kule nyanga yokuqala konyaka, ikhanda isithombe ngendlela unyaka ozohamba ngayo kulo mkhakha," kusho uLebo Gaoaketse, oyiNhloko kwezomaketha aphinde abe nguMxhumanisi wakwa-Wesbank.

Image

UGaoaketse uthi inyanga kaJanuwari wango-2024, yayinegcindezi enkulu kulo mkhakha, oqale ukusimama kancane ngo-2025, kanti ku-2026 kwabonakala ziqala zihlangana kahle izinombolo zokuthengwa kwezimoto, okungasho okukhulu, kodwa kuveza ukuthi isimo siya ngokuba ngcono.

Lokhu kwenyuka noma ukusimama kwesimo somnotho wezezimoto kumele kunikeze abathengi bezimoto ithemba lokuthi nenani lezimoto lizomelana nephakethe labo, ngoba nemalimboleko isisesimweni esihle.

Isibalo sezimoto sezizonke ezithengiwe uma kubhekwa le nyanga yokuqala ka-2026, wu-50 073, eziwu-42 753 ngezithengwe ngamagalagi ezimoto, u-10% wenani lonke lezithengiwe, ngowezinkampani eziqashisa ngezimoto bese kuthi u-2.1% kube ngezithengwe yizinkampani ezizimele (corporate fleet), bese u-1.6% kube yiminyango kahulumeni.

Image

Nazi izimoto ezithengwe kakhulu enyangeni yokuqala:

Image

U-NAAMSA ubike ukuthi imboni yezezimoto ilindele kakhulu umqingo obuyekeza ngemboni yokusebenza komkhakha wezezimoto eMzansi.

Lo mqingo ubalulekile ekubeni wumkhombandlela wezokuncintisana, wukutshalwa kwezezimali nokuzinza kwale mboni, njengoba lomkhakha uguquguquka kangaka.

Nalo uhlu abalukhiphile oluveza izimoto nemikhiqizo eyi-10 yezimoto ezithengwe kakhulu ngenyaka ka-Januwari ka-2026:
1. Toyota: 11 786
2. Suzuki: 6 410
3. Volkswagen Group: 4 774
4. Hyundai: 3 048
5. Ford: 2 678
6. GWM: 2 521
7. Chery: 2 258
8. Kia: 1 888
9. Mahindra: 1 671
10. Isuzu: 1 606

I-Jetour ikhale ngaphansi kancane njengoba idayise inani eliwu-1 550 lezimoto, kwalandela imikhiqizo yakwa-Renault, edayise u-1 415 wezimoto.

0