13 | Izindaba

Friday, 09 October  2026

Image

 Ilinde ukusimama kwezobuchwepheshe iToyota BZ4X


IShay' izule:                      noZandile Tembe

Image

AYANDE ngamsindo nobucwebecwebe, kodwa ilithatha ngesizotha nokuhluka kwayo iso, eyakwaToyota ehamba ngogesi kuphela.

Balinde ukusimama nokujwayeleka emakethe kwezimoto zikagesi ngaphambi kokuba bethule iToyota BZ4X.

Yisethenjwa sabashayeli abaningi bakuleli iToyota, ikhethe ukuyethula ngokusemthethweni ngoJune noJuly nonyaka i-BZ4X kuleli, kodwa umlando wale moto usukela ngo-2021 kuya ku-2022, emazweni omhlaba.

WUTHULAMSINDO WEMOTO

Njengazo zonke izimoto ezingama-EV, ukungabi namsindo ngenxa yokusebenza kwazo kulindelekile, ne-BZ4X kayiphoxanga kulokhu, futhi ngingathi ikwenze ngokwedlulele.

Izinzile, izothile, iqoqekile ngaphandle bese ivuleka kakhulu, ngaphakathi, inikeza nomshayeli ukunethezeka ngendlela eyakheke ngayo.

Iyawubamba umongo wokuba yimoto efanele umndeni nakuba ingeyesikhathi sesimanjemanje.

Image

ITHATHA ISAKHIWO SE-STATION WAGON

Uma uyibuka ngaphambili iyi-SUV, kodwa uma uhamba ngayo ithatha isakhiwo
se-station wagon.

Imiklamo engafaniswa nesakhiwo sedayimane sengeza ubuhle obukhethekile, siyinikeze nesakhiwo sekusasa (futuristic).

Iza nama-screen esimanjemanje okulula ukuwaxhuma kwezobuchwepheshe. Bacabangele umshayeli omdala weToyota, nalowo othanda izinto zobucofocofo bobuchwepheshe.

Image

Abazange bazenyeze ngolwazi lwabo lokukhandwa kwezimoto ezifanele umshayeli, okuyizo ezihamba phambili, ikakhulukazi kubathandi beToyota.

I-BZ4X ine-dual-motor, kanti idonsa ngawo wonke amasondo. Ikhiqiza amakhilowathi (kW) awu-252 kW no-438 Nm, kukuthatha amasekhondi awu-6 ukufika kumakhilomitha awu–100.

I-battery yayo ewu-73.11 kWh, ikunika amakhilomitha awu-481 uma uyishaje ngo-85% kuya phezulu.

Image

I-Toyota BZ4X eyethulwe kulo nyaka ka-2026, isuka ku-R1,182,800 kuthi esemgangathweni othe xaxa i-BZ4X Touring, yona iqale ku-R1,317,700.

Imodeli yakhona eyistandadi ifika newaranti yeminyaka ewu-6 noma-90,000 km wesevisi, kube yiminyaka ewu-3 noma amakhilomitha awu-100,000 ewaranti yemoto no-8 weminyaka noma 160,000 km wewaranti
ye-battery.

IMPILO YEMOTO ESHAJWAYO

Kuleli sonto engihambe ngayo ngiyishaje kabili; okokuqala ngiyishaje egalaji lomphakathi iku-31% yafika ku-71%, okuthathe ihora nemizuzu ewu-38 okungibize u-R270.

Image

Ngaphinde ngayishaja ngogesi ekhaya kusukela ngeSonto ntambama ngehora lesibili, iku-21% yashaja ubusuku bonke ngayifica isifike ku-76% ngo-07:00 ngakusasa ekuseni.

Ukushaja ekhaya ebusuku ngikubone kungcono ngoba kangiphoqelekile ukuhlala ngilinde ishaje ngisemgwaqweni. Engikulindile manje isitatimende sikamasipala sikagesi ukuze ngibone ukuthi idle kangakanani.

0