Izindaba | 12

Friday, 06 June 2025

Image

NGUSOMIZI "Somgaga"Mhlongo ongusaziwayo, ongazifihli ukuthi uyayifaka i-make-up, adwebe kahle neshiya lifane ncimishi nelowesifazane.

Zimuka nayo izinsizwa i-glam look 

Zingenisa mawala izinsizwa eziphaqulweni

Makhosi Dube

EMICIMBINI, ezinxaxatheleni zezitolo nasezi-ndaweni zobumnandi sekujwayelekile ukuhlangana nensizwa othi uma uyibheka, uthole ishiya lincwelwe kahle, okubizwa phecelezi nge-brows on fleek, isikhumba sikhazimula (glow) nezindebe ezibukeka zithambile sengathi zithi 'ngiqabule'.

Ukushintsha kwezikhathi sekwenze abesilisa bakhululeka ukugqoka imibala egqamile, ukucwala izinwele okubalwa nemiluko, ukufaka amacici nokwenza izinzipho (manicures).

Image

NGUVUSI Nova ongumculi, okhonze ukuzilungisa aze apende nezinzipho.

Yize imiluko kwabesilisa, ukugqoka imibala egqamile nokufaka amacici sekunesikhathi kwafika, kodwa ngo-2023, kubonakale osaziwayo besilisa baseNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle bengenisa ekwenzeni izinzipho (manicures).

Osaziwayo abangakufihli ukuthi bayazenza izinzipho ngumyeni kaDJ Zinhle, uBongani Mohosana owaziwa ngelikaMorda noma Murdah Bongz kwezobumnandi, nguSomizi 'Somgaga' Mhlongo, ngumculi wakuleli uVusi Nova, ngumrepha (rapper) waphesheya u-A$AP Rocky (osesithombeni esingezansi), onguyise wezingane zomculi odumile uRihanna, noLil Yacthy ongumrepha waphesheya.

Ziyenyuka izibalo zabesilisa abaziphaqulayo

ILANGA Lempelasonto lixoxe noTata Maphumulo (osesithombeni esingezansi), ongumnikazi we-iGlam Hair and Beauty Parlour, oyingcweti ekulungiseni izinwele, ubuso nezinzipho.

Ibhizinisi lakhe lizinze enkabeni yedolobha iScottburgh, kanti uyaziwa ukuthi uyawushaya umsebenzi njengoba ehambela cishe zonke izifundazwe eNingizimu Afrika ukwenza lo msebenzi. Ukuqinisekile ukuthi impela ziyenyuka izibalo zabesilisa abasebenzisa iziphaqulo muva nje.

UTata uthi: "Sekuyinto engiyijwayele ukuthi ibhizinisi lami libhukhwe kakhulu ngabesilisa becela ukwenziwa ubuso, izinzipho nezinwele. Kuba kakhulu yintsha yabesilisa abaya kuma-matric dance, ama-graduation nemishado.

"Yabona nje imishado babhukhela ukuthi ngibe nesikhathi sokuphaqula umakoti nezimpelesi zakhe, baphinde babhukhele ukuthi ngibe nesinye isikhathi sokulungisa ubuso, yizinzipho nekhanda likamkhwenyana nabakhaphi bakhe.

"Nangesikhathi umshado uqhubeka kumele ngiqinisekise ukuthi i-glam isezingeni kubona bobabili abashadayo."

Yini umehluko phakathi kwe-make-up yabesilisa nabesifazane?

Umehluko phakathi kwe-make-up yabesilisa nabesifazane wukuthi eyabesilisa iba natural, okwenza umbone ebukeka emuhle kakhulu, uze uzibuze ukuthi kukhona akufakile noma cha.

I-natural look ayimshintshi kakhulu umuntu, kodwa imenza ahehe, abukeke kangcono kunalokhu ajwayeleke eyikho, kodwa ungakwazi ukubona ukuthi wenzeni. Abanye besilisa uma ngibenza ubuso, baze babuze ukuthi ngisebenzisa yiphi imikhiqizo ukuze bezozithengela, bazilungise bona emakubo.

Phesheya kwezilwandle izinkampani ezikhiqiza iziphaqulo seziqalile ukwakha iziphaqulo zabesilisa ngqo. Izinkampani iChanel, iTom Ford, iNuNorm, iWar Paint, iShakeup neGentlehomme, zingezinye esezengeze iziphaqulo, zafaka nezabesilisa kusukela kuma-primer, ama-concealer, i-foundation, ama-mascara, ama-brow pencils nokunye.

NGUMURDAH Bongz ohlale ezenze izinzipho.

UTata uthi kuleli akulula ukuzithola iziphaqulo zabesilisa, basebenzisa lezi abaphaqula ngazo abesifazane.

Uthi yingakho kubalulekile ukuthi uwazi umsebenzi wakho, ngoba uma usebenzise izigcobo eziphambene kusuke kuzobonakala ukuthi ama-skin tone ayaphambana
ne-make-up, akumele ibala liphambane nesiphaqulo, kodwa kumele kufane kube kuhle, kube ne-vava voom.

Umlingisi uWiseman Zitha (osesithombeni esingenhla), oselingise emidlalweni eminingi okubalwa iMuvhango, iQueen Modjadji neGiyani Land of Blood, ulandelwa yinqwaba yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana, lapho abuye afundise khona izinsizwa ukuziphaqula.

Umandla kakhulu kwiTikTok, lapho ekhipha khona wonke amacebo okuthi izinsizwa zibe ngamageza.

0