12 | Izindaba
Friday, 20 February 2026
Kugqugquzelwa abesifazane abaneminyaka ewu-40 noma ngaphezulu, ukuba bakukhuthalele ukuyoxilongwa...
Menzi Jele
UMDLAVUZA webele (breast cancer), yisifo esihlasela abesifazane abaningi, kungakhathalele ukuthi ngabaluphi uhlanga.
Isikhungo iNational Cancer Registry (NRC), sithi umuntu wesifazane oneminyaka eyeqile ku-40, kufanele akukhuthalele ukuxilongwa (check up), ukuhlola ukuthi kasikho yini lesi sifo emzimbeni. Ibele yisitho somzimba esibucayi, ngakho liyadinga ukunakekelwa.
Ngokocwaningo lweNCR lwango-2022, oyedwa kubantu besifazane abawu-26, angaba sengcupheni yokuhlaselwa wumdlavuza webele. Uma uhlaselwe yilolu hlobo lomdlavuza, kusuke kudlavazeka izicubu eziphakathi ebeleni, nemithambo ehambisa igazi emzimbeni.
Uma ususabalele kakhulu lo mdlavuza, kuyaphoqeleka ukuba ibele lisikwe, likhishwe.
NAZI IZINTO EZINGAHOLELA EKUTHENI UBENOMDLAVUZA WEBELE
✏️ Ukuphuza utshwala nokubhema;
✏️ Ukukhuluphala ngokweqile.
✏️Uma kwake kwabakhona umuntu onomdlavuza webele emndenini (family history).
✏️ Wukungakukhuthaleli ukuyoxilongwa, ikakhulu uma ungowesifazane oneminyaka engaphezu kuka-40;
✏️ Abantu besifazane abangezwani nokugeza, bayavama ukuhlaselwa umdlavuza webele.
✏️ Ukuphefumula umoya ongcolile, njengokusebenza emefemini anentuthu, kungaholela ekutheni ugcine usunomdlavuza webele.
NAZI IZIMPAWU ZOMDLAVUZA WEBELE
🖊 Ingono yebele (nipple), elumayo, njalo sengathi ungayenwaya.
🖊 Ingono yebele, iyashintsha umbala, ikhiphe noketshezi ongaluqondi.
🖊 Izindlala (glands) ziyavuvukala.
🖊 Uzwa sengathi uneqhubu phakathi ebeleni.
Uma uzwa noma ubona lezi zimpawu, phuthuma uyobonana nodokotela wakho, noma uye emtholampilo. Umdlavuza webele uyelapheka noma uthithibaliseke, uma kusheshe kwatholakala ukuthi ukhona.
Kunemishini eshisa izicubu esezidlavazwe wumdlavuza, eyaziwa ngeChemotherapy. Uma lesi sifo sesikuxine kakhulu, odokotela bakufaka kuyona.
⭕️ Ulwazi lutholakale: KWA-NATIONAL CANCER REGISTRY.
menzi.jele@ilanganews.co.za