12 | Izindaba 

Friday, 01  May 2026

Image

Lubalulekile ubisi lwebele enganeni esakhula 

Ingane iyakwazi ukwakha ubudlelwano nonina ngesikhathi incela

Menzi Jele

I-WORLD Health Organization (WHO), ikhuthaza abesifazane abanezingane ezincane, ezisancela, ukuba bazincelise ibele.

Le nhlangano ithi ubisi lwebele ngolwemvelo, ngoba nezilwane ezifuywa emakhaya nezasendle, ziyancelisa.

Kuthiwa abanye abesifazane kabanalo ubisi emabeleni abo ngenxa yezifo ezithile, ezikhona emizimbeni yabo.

Kungani ingane kufanele inceliswe ibele?

- Ubisi lwebele lunezakhamzimba ezenza ingane ikhule ngokungabi nazihibe.
- Ingane enceliswa ibele kayingenwa  kalula yizifo.
- Ingane ikhuliswa yibele, ngakho kufanele ithole isikhathi esanele sokulala.
- Ingane enceliswa ibele iyalala uma iqeda ukuncela.
- Ingane enceliswa ibele, amathambo ayo ayaqina, kayingenwa kalula yisifo sovendle (polio).
- Ingane enceliswa ibele ikhombisa ukukhalipha emqondweni, futhi ihlala ijabulile.
- Ingane enceliswa ibele, iba nokuxhumana okuhle (bonding) nonina ngoba iyambuka ngesikhathi eyincelisa.
- Ingane enceliswa ibele kayivamisi ukuba nesifo sohudo, esivamisa ukuphatha izingane ezincela ibhodlela.

Ukuncelisa ingane


I-WHO ithi ingane kufanele inceliswe ibele ehoreni elilodwa izelwe.

Ukuncelisa ingane ibele, kakulethi amagciwane ngoba ezinye ezincela amadamu (dummy), zithola amagciwane.

Uma ungowesifazane osebenzayo, uyelulekwa ukuthi ingane incelise ngaphambi kokuya emsebenzini.

Ingane incelise ekuseni, nangapha-mbi kokuthi nilale, futhi ube nesikhathi esisodwa sokuyincelisa ukuze isijwayele.

Image

Njengoba ingane encane ingakwazi ukukhuluma, ima ikhala isuke ikhombisa ukuthi ilambile, idinga ukunceliswa.

Uma ikhala, isuke ifuna ukushintshwa noma isuke igula.
Unina uyelulekwa ukuba ageze ibele ngaphambi kokuncelisa ingane.

Uma ungowesifazane oncelisayo, kubalulekile ukuqikeleka ezintweni ozidlayo.

Ukudla okunomsoco, izithelo, amantongomane, imifino, inyama yenkukhu, inyama ebomvu, inhlanzi, ukuphuza amanzi, nobisi, kuyakwenza wena mama oncelisayo ukuthi ube nobisi oluningi.

Ukusebenzisa izidakamizwa, njengokuphuza utshwala nokubhema ugwayi, akufuneki uma ungumdlezana (umuntu wesifazane oncelisayo). 

Ulwazi lucashunwe kwiWORLD Health Organization Journal.

Image
0