12 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Kulobe:
uDkt Nqobile Sithole Mhlongo 

Ezempilo

 Ubungozi bokusebenzisa  izikhuthazi zezocansi kwabesifazane

Kukhalwa ngolwazi olungaqinisekisiwe nengcindezi efakelwa labo abangakazimiseli ngocansi ...

Image

Ezinkundleni zokuxhumana noma ema-salon ingxoxo ehamba phambili kwabesifazane yizithako abangazisebenzisa ukuze babe wuqanduqandu kwezocansi. Imvama lezo zithako zifaka izinto eziyingozi uma zifakwa esithweni sangasese njengesnemfu. 

NJENGOBA kade kugujwa iNyanga Yabesifazane, sixoxa ngendaba ebalulekile kodwa ekhathaza kakhulu umkhuba okhulayo wokuthi abesifazane basebenzise izindlela ezingezona  ezijwayelekile futhi ezingaba yingozi ukuze bazinakekele kwezocansi.

Kukhona ukusetshenziswa kwamakhambi angajwayelekile njengokufaka amaswidi iHalls ezindaweni zangasese, ukusebenzisa iziphuzo ezine-soda njengeStone cool-drink, noma izinto ezifana nensu noma isinemfu.

Lezi zindlela zihlala zisakazwa ngomlomo nangokuxhumana komphakathi, kodwa ukuphepha kwazo kuyathandabuzeka.
U-Dkt. Nqobile Sithole Mhlongo, usichazela iqiniso lezokwelapha, ubungozi nezindlela eziphephile.

Zithini izibalo zeWho?

Ngokwe-World Health Organization (WHO), okuyinhlangano ebhekelele ezempilo emhlabeni, iNingizimu Afrika ingenye yamazwe anezinga eliphezulu kakhulu lezifo ezithathelana ngokocansi (STIs) emhlabeni.
Izibalo zithi bangaphezu kwezigidi eziyi-7 abesifazane abathelelekayo minyaka yonke.

Umdlavuza wesibeletho neHIV/AIDS

Image

💊 Umdlavuza wesibeletho: (cervical cancer), obangelwa kakhulu iHPV, uyimbangela ehamba phambili yomdlavuza kwabesifazane baseNingizimu Afrika. Ukusebenzisa izindlela ezingaphephile kungandisa ingozi. Umthwalo wegciwane lengculazi ( HIV/AIDS); unomthelela ophezulu wokuthi umdlavuza umsheshise loyo osuke esenalesi sifo.

 💊 
I-WHO: igcizelela ukuthi imikhuba engaphephile yezempilo yezocansi nolwazi olungelona iqiniso kuholela ekutheni abesifazane abaningi babe nezifo zokuzala (RTIs), bangazali, futhi basengcupheni kakhulu ye-HIV.

💊
Ucwaningo lweSouth African Medical Research Council (SAMRC): lukhombisa ukuthi angaphezu kuka-40% amantombazane amasha azibandakanya emikhubeni engaphephile yezocansi, ngenxa yezinganekwane noma ingcindezi yezihlobo nezontanga.

Imibuzo ebhekiswe kudokotela:

✔️ Kungani abesifazane bezinikela ekusebenziseni izindlela ezingajwayelekile — njengezitini zamaphilisi, iziphuzo ezine-soda, noma izinto ezingavunyelwe odokotela — ukuze bazinakekele noma bathole injabulo kwezocansi?
✍🏾 Ukungazethembi kwabaningi besifazane kwenza bazithole besebenzisa izikhuthazi zezocansi. Abanye-ke basuke bezama nje lokho abakuzwa ngabangani. Lo mkhuba-ke uvamile nakwabesilisa wokulayelana izimbiza eziyizikhuthazi nokunye.

✔️Uma sibheka ngeso lezokwelapha, yibuphi ubungozi obungadaleka, nomthelela wokusebenzisa lezi zinto?

✍🏾 Amagciwane ezintweni ezishuthekwayo angadlulela kumlingani wakho, adale izifo zocansi (STI's)

✔️ Ingabe lezi zindlela zinayo inzuzo eqinisekisiwe, noma ziyizinganekwane nje nokudida abantu?

✍🏾 Ngamampunge wodwa nje lawa. Abukho nhlobo ubufakazi bokuthi lezizinto ziyasebenza.

✔️ Abesifazane bangathola kanjani ulwazi oluqondile noluphephile ngezempilo yezocansi nangokuhlelela umndeni, ikakhulukazi emiphakathini lapho izinganekwane zivame khona?

✍🏾 Sigcizelela indaba yokuhlanzeka nokungazibandakanyi ebudlelwaneni bezocansi olungahlelelwe.

Phela ubudlelwane obuphilile futhi obuhle bezocansi, buhambisana nokuzethemba kwabathandanayo. Lokhu kugqugquzela ukuthembeka nokuthembana ebudlelwaneni. Lokho yiwona mgogodla wokuthi inkonzo yasekamelweni niyenamele nobabili nomlingani wakho. Ukuxoxa nomlingani wakho ngenye yezinto ezingenza ukuthi uzethembe uma sewazi ukuthi uthandani.


✔️ Njengoba bekugujwa iNyanga Yabesifazane, yisiphi iseluleko ongathanda ukusishiya nabesifazane mayelana nokuvikela impilo yabo nokwenza izinqumo eziphephile?

✍🏾 Umzimba womuntu wesifazane unazo zonke izimfanelo noma umsoco. Akukho odinga ukukuphuza noma ukukushutheka. Ukugeza ngamanzi abandayo, uzivocavoce (squats; kegel exercises) kuwugcina  usesimeni.

UDkt Nqobile Sithole-Mhlongo

Ufundisa oKhozini FM njalo ngoLwesine ohlelweni iWoza Nabangani Bakho. Ungaxhumana naye ngalezi zinkundla ezingezansi:
💻 @drnqobilesa (Social Handle)
📱 083 270 3354
☎️ 0315620500
📍WellnessCentre Umhlanga

0