12 | Izindaba
Friday, 19 June 2026
Kulobe:
uMenzi Jele
Ezempilo
Kuthiwa athathwa njengamahlalakhona uma esekuphathe kaningi ngonyaka owodwa...
Kukhuthazwa ukuba uphuze ubisi uma uphethwe amathansela.
AMATHANSELA (tonsils), yizindlala eziba ngenhla komphimbo, ngasemankankeni. Amathansela, akhiqiza uketshezi, olulwa namagciwane angena kumuntu, ngomlomo, nangamakhala, ayizindlala (glands) zemvelo, emzimbeni womuntu.
Amagciwane anqandwa ngamathansela, angaphazamisa indlela umuntu aphefumula ngayo, nokugayeka kokudla esiswini. Amathansela, ayizindlala ezizwelayo, kuyenzeka avuvukale, futhi abebuhlungu, umuntu agcine esephathwa yisifo sawo. Ukungabi namanzi enele emzimbeni, kuyasidala isifo samathansela.
ELASHWA KANJANI AMATHANSELA UMA ESEMPHETHE UMUNTU?
💊 Kuthiwa thatha amanzi antukuntuku, owagcwalise inkomishi.
💊 Thela izipunu ezincane (teaspoons), eziwu 12, zikasawoti, kulawo manzi.
💊 Faka lawo manzi emlonyeni, kodwa ungawagwinyi, uhahaze ngawo.
💊 Gwema ukudla ummbila, namantongomane, uma uphethwe ngamathansela, ngoba kuzodingeka ukuhlafune.
💊 Kuthiwa gaya iboza, uxubhe ngalo, uma amathansela esekuqinise kakhulu.
💊 Zinike isikhathi sokuphumula, uma uguliswa ngamathansela.
💊 Ungaluphuza ubisi olubilisiwe, uma uxinwe ngamathansela.
Gwema amantongomane nommbila uma uphethwe amathansela.
Kuthiwa akuyona inkinga ukuphathwa ngamathansela izinsuku eziwu-3 kuya kweziwu-4, kodwa uma esekuphathe kaningi, ngonyaka owodwa, sekuyoba yinkinga leyo ngoba asethathwa njengamahlala khona (chronic infection). Lokhu kungagcina kuphazamisa ukushaya kwenhliyizo, nokusebenza kwezinso.
❌ Uma uphethwe ngamathasela, gwema ukuqabula umuntu othandana naye, kuthiwa linda uze ubengcono.
❌ Uma uguliswa ngamathansela, umoya wakho emlonyeni uyanuka, ubanephunga elibi.
❌ Uma amathansela esekuphathe isikhathi eside, odokotela bayaphoqeleka ukuthi bakuhlize, bawakhiphe.
❌ Uhlelo lokukhipha amathansela lwaziwa ngokuthi "yiTonsilectomy"
Ubungozi bokukhipha amathansela, wukuthi awuvikeleki emagciwaneni, angena ngomlomo, nangamakhala. Lokhu kuholela ekutheni, ungenwe yizifo ezinhlobonhlobo.
Abantu abavama ukuhlinzwa amathansela, ngabantu abasebancane abameninyaka engaphansi kuka-25, ngoba uma usudlulile kule minyaka, kuvama ukuba nobungozi, ngoba indawo lapho uhlinzwe khona ngesikhathi ekhiswa, ayisheshi ukuphola, iyabhibha.
✏️ Ulwazi lucashunwe kwabeCleveland Clinic Journal nakwiworld Health Organisation.