12 | Izindaba

Friday, 04 September 2026

Kunxuswa abazali ukuqaphela izimpawu zeRotavirus

Ezempilo:                                                     Thandi Zondi


Leli gciwane lifafazeka kalula

Image

ABAZALI bakhuthazwa ukugomela izingane isifo i-rotavirus.

KUGQUGQUZELWA abazali ukuba baqaphe izimpawu ze-rotavirus, njengoba kunemibiko yokukhula kwesibalo sezingane ezihaqwe yilokhu kugula.

INational Institute for Communicable Diseases (NICD), ithi lokhu kugula kungadala ukukhishwa yisisu, esingabukeka njengesejwayekile, kodwa sigcina siholele ekupheleni kwamanzi emzimbeni, okungaba yingozi, kube wukuphalaza nemfiva.

Ingane mayiphuziswe i-glucose uma inezimpawu zohudo

Le nhlangano ithi okuqaphelekayo wukuthi lokhu kugula kuhlasele eNingizimu Afrika, kodwa isibalo esiphezulu sisePretoria, okulapho kubikwe khona ukushona koyedwa.

"Sigqugquzela bonke abazali ukuba bagomele izingane zabo i-rotavirus, nokuthi baqhubeke nokuncelisa ibele ebantwaneni noma babaphuzise i-glucose (okungamathisipuni awu-6, nohhafu wethisipuni kasawoti emanzini angangelitha) ezinganeni ezibukeka zinezimpawu zohudo." isho.

Image

Iyini i-rotavirus:
Wukugula okudala uhudo olubi ezinganeni ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu. Lokhu kugula kujwayele ukudlanga kakhulu phakathi kukaNhlaba (May) noMandulo (September) njalo ngonyaka.

Ngubani ongaguliswa yi-rotavirus?

Ngokujwayelekile kuba yizingane ezingaphansi kweminyaka ewu-5.

Abantwana abaphakathi kwezinyanga ezimbili kuya kwezintathu, bona basengcupheni kakhulu yokuthola lokhu kugula.

Nezingane ezingaphezu kweminyaka
ewu-5, nazo zingakuthola lokhu kugula nabantu abadala, kodwa-ke izimpawu zokugula kazibi zimbi kubona, kokunye futhi kazibi khona nhlobo.

Ezinganeni esezikhulile nabantu abadala abanamasosha abuthaka, amathuba okuthola leli gciwane makhulu.

Image

Lisabalala kanjani leli gciwane?

Ngokujwayelekile, lisabalala ngokuthi indle encane engabonakali esuka kumuntu one- rotavirus, ingene emlonyeni womunye.

Lokhu kungenzeka ngokuthi athinte ukudla, amanzi angcolile noma ngokungawashi izandla uma kade ephuma endlini encane.

Kuyenzeka futhi idluliseke ngokushintsha inabukeni lengane, kepha ungaziwashi izandla noma amathoyizi, okanye indawo okushintshelwa kuyona ezinye izingane.

Leli gciwane lijwayele ukusabalala emndenini, ezinkulisa nasezibhedlela noma emitholampilo.

Image

Ivikelwa kanjani i-rotavirus?

Indlela ebalulekile yokuvikelela, wukugoma. Mibili imigomo esetshenziswayo eNingizimu Afrika, okuyiRotarix.

Owokuqala unikwa ingane lapho inamasonto awu-6, iphinde futhi isinamasonto awu-14. Uma ingane ingayitholanga le migomo, vakashela emtholampilo noma kudokotela.

Indlela ebalulekile yokuvikelela, wukugoma. Mibili imigomo esetshenziswayo eNingizimu Afrika, okuyiRotarix.

Owokuqala unikwa ingane lapho inamasonto awu-6, iphinde futhi isinamasonto awu-14. Uma ingane ingayitholanga le migomo, vakashela emtholampilo noma kudokotela.

USolwazi uNicola Page weNICD, uthi lokhu wukugula okujwayelekile ezinganeni, okuqhamuka ngezikhathi ezithile zonyaka, ikakhulukazi ngesikhathi samakhaza.

Uthi izingane zihlaselwa yilokhu kugula mhlawumbe kanye noma kabili ngonyaka.

"Izimpawu kuba wukuphalaza esithubeni, kulandelwe wuhudo olungadala ukuphela kwamanzi emzimbeni.

"Ezinye iziguli ziba nemfiva, konke lokhu kungadala ukungabi nelukuluku lokudla, ukuphelelwa amandla nobuhlungu besisu," esho.

Okumele abazali bakuqaphele


Abazali kumele baqaphele lapho ingane ikhala, kepha zingaphumi izinyembezi, inomlomo owomile, isebenzisa amanabukeni ambalwa noma kushintsha indlela eziphatha ngayo noma elala ngayo.

UPage uthi kokunye kuyenzeka ukuphela kwamanzi emzimbeni kube yingozi.  Kuleso simo, kungadingeka ingane iphuthunyiswe esikhungweni sezempilo.

Image

Eqhuba, uthi ukwanda kwesibalo sezingane ezihaqwe yilokhu kugula kunokwenzeka ukuthi kudalwa wukungagonywa kwazo, noma mhlawumbe yilezo ezingaphathwanga kahle wumgomo.

Kunxuswa abezinkulisa nezikole ukuba baqinisekise ukuwasha izandla, ikakhulukazi ngemuva kokushintsha ingane inabukeni.

Nezingane ezifika enkulisa zikhishwa yisisu, kuthiwa kumele ziphindiswe ekhaya noma zingahlanganiswa nezinye ngoba i-rotavirus, ibhebhetheka kalula uma ike yafika endaweni.

0