12 | Izindaba

Friday, 26 September 2025

Ibalulekile inhlanzeko yezinzipho

Image

Phumlani Gama

KUNENTO evame ukushiwo, ethi "thatha iqatha lenyama, uyeke ukunaka izinzipho zomuntu oqobayo".

Esikhathini sanamuhla le nkulumo ingathathwa njengokubhebhezela ubunuku nokunganakwa kwezinzipho kubantu. Ukunakekela izinzipho kubalulekile kubona bonke abantu.

Ongoti bezempilo bathi ubude bezinzipho ezinokungcola kungadala izifo ezahlukene, futhi ezingagcina sezitheleleka nakwabanye abantu. Abesifazane abathanda izinzipho zomfakelo, banenselelo yokuthi kufanele ngaso sonke isikhathi bazinakekele, zihlanzeke.

Image

Okuqaphelekayo esikhathini sanamuhla wukuthi abantu sebeyambheka umuntu osuke ephethe ukudla abazokudla. Abanye babheka ngisho nokuthi isandla esiphethe ukudla kwabo iminwe yaso isuke imiswe kanjani.

Nasezindaweni zasemakhaya, bayamexwaya umuntu obanika iziphuzo nokudla ekubeni enezinzipho ezingahlanzekile. Banenkolelo yokuthi ezinzisheni kubuye kugcinwe ushevu, okubuye kujuqwanwe ngawo.

Ongoti bathi izinzipho ezisezandleni nasezinyaweni kumele zinakekelwe ngendlela elinganayo. 
Kuyathokozisa ukubona senyuka isibalo sabesilisa abahambela izindawo zokuzicwalwa nokupholishwa kwezinzipho. 

Image

Izifo ezingadalwa wukungcola kwezinzipho:

Ziningi izifo ezibalulwayo, ezingadalwa wukuba nezinzipho ezingcolile. Phakathi kwazo kubalwa ngisho nesifo sikashukela. Izinzipho ezingcolile zingaphinde zihambisane nenkinga yokunuka kwazo. 

Izimpawu zezinzipho ezingcolile/ezinenkinga:

– 
Ubuhlungu obuzwakala ohlangothini lwalo uzipho, noma kuzona zombili izinhlangothi.

Onyaweni kujwayeleke ukuthi kuqale isilonda, kuvuvukale, bese kugcwala ubomvu.
Isikhumba siyaye sibe nokushisa ezindaweni ezithintekayo, ikakhulukazi uma ugqoka isicathulo esincane kunosayizi wakho.
– Ukuphuma kwegazi esikhunjeni.

Image

Ngokolwazi olushicilelwe yinkampani yezitolo ezithengisa imikhiqizo yokunakekelwa kwesikhumba, okuhlanganisa nazo izinzipho, iGoombara, nanka amanye amaphuzu okufanele uhlale ngokuwaqaphela ukuze ukwazi ukuvikela izinzipho:

Gwema ukugqoka izicathulo ezingahambisani nonyawo lwakho.
Ungasiki izinzipho ezimfushane singekho isidingo ngoba kungenzeka wenze iphutha usike inyama.
Ungabeki into esindayo phezu komunwe.
Ungavumeli udoti ubuthane ngaphakathi kuzona izinzipho.
Ungabambi noma yini usebenzisa uzipho. 

Nanka amanye amacebo angakusiza:

Uma unenkinga yezinzipho, kufanele ubonane nodokotela.
Kubalulekile nokuhlala endaweni eshaya umoya.
Kungakusiza futhi ukufaka izinyawo noma izandla emanzini afudumele uzihlanze, maqede uzesule ngendwangu ehlanzekile, bese uzigcoba ngeziqholo ezihambisana nesikhumba sakho. 

0