12 | Izindaba

Friday, 09 October 2026

Isifo senhliziyo sihamba phambili ekubulaleni abantu ezweni

NgokweStats SA, u-60% wabulawa yizifo ezingamahlalakhona ngo-2024

Image

Ezempilo:                            noMthokozisi Dlomo

ISIFO senhliziyo yisifo okungavamisile ukuzwa abantu bekhuluma ngaso, ikakhulukazi emiphakathini. Izifo ezinakwe kakhulu yingculaza neTB.

Yingakho zishaqisile izibalo zakamuva ezikhishwe yiStats SA, ezithi cishe abantu ababili kwabayishumi eNingizimu Afrika, ababili babo basuke bebulawe yisifo senhliziyo.

Ngokusho kweStats SA, ebantwini abawu-474 366 ababikwe eMnyangweni wezaseKhaya ukuthi bashonile ngo-2024, u-60% wabo babulawe yizifo ezingamahlalakhona.

Lezi zinombolo zisitshela ukuthi kumele sibuyekeze izinhlelo zethu zezempilo. Izifo ezingamahlalakhona kuthiwa zazihamba phambili ngokubulala abantu ngo-1997 kuya ku-2002, ngaphambi kokubheduka kwegciwane lesandulela-ngculaza.

Image

Ukubheduka kweCovid-19, kwenze ukuthi izinsiza eziningi zigxiliswe kuyona kakhulu, kwehliswa ezifweni ezingamahlalakhona, njengoba seziphinde zabuya ngamandla ekuthatheni imiphefumulo.

Empeleni izifo ezithinta ukuhamba kwegazi emzimbeni nasebuchosheni, njengeStroke, kule minyaka eyishumi edlule bezilokhu zibalwa kweziyishumi ezihamba phambili ekubulaleni abantu ezweni.

BANINGI ABAPHILA NEZIFO EZINGAMAHLALAKHONA, ABANYE KABAKAZAZI UKUTHI BAPHILA NAZO

Inkinga ekhona ngezifo ezingamahlalakhona wukuthi kunabantu abaningi abaphila nazo kodwa bengazi, umuntu uyoze athole ngoba sekonakele kakhulu.

Bancane abantu abavame ukuya ezikhungweni zezempilo, beyohlolelwa nje izifo ngisho bengaguli, yize lolu sizo lutholakala mahhala ezikhungweni zikahulumeni.

Kumele kuqiniswe imikhankaso yokusondela kubantu emiphakathini, bafundiswe ngokubaluleka kokuvakashela izikhungo zezempilo, bese kuthi abadla imishanguzo, bayidle ngendlela efanele, bangayiyeki.

Image

Izimpawu zesifo senhliziyo:

- Wubuhlungu esifubeni.
- Wukunqanyukelwa wumoya uma wenza izinto ojwayele ukuzenza noma uma ucambalele.
- Wukuhlala uzizwa ukhathele ngisho ungenzanga msebenzi otheni, noma ogqilazayo
- Wukuba nesiyezi nokuquleka kwabanye.
- Wukuvuvukala emaqakaleni, ezinyaweni, emilenzeni nakwisingezansi somzimba (abdomen).
- Wukushaya ngendlela eshintsha-shintshayo kwenhliziyo, kokuye ishaye mawala, ibuye ihambe kancane.
- Nokukhwehlela izinkwahla ezisabomvu (pink).

Ukubaluleka kokuhlala ngokuhlolwa

Ongoti bathi kubalulekile ukuhlala ngokuhlolwa ukuze uzazi isimo sakho sempilo.

Bathi kusuke sekumele uphuthume impela ufune usizo uma usuqala ukubona izimpawu zesifo senhliziyo.

Okuhle ngalesi sifo wukuthi nakuba singelapheki, kodwa kuyaphileka naso impilo enhle, futhi ende.
Olunye ulwazi lucashunwe ku: www.statssa.gov.za

0