11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 04Β September 2026
Β Β Ngithi nje mncwaaah mncwaaah...
πππ
Ukube ngiyakwazi ukukhuzela ngoJoji, ngabe ngiyakhuzela mbali. Ntombi uyazi ukuthi kuthiwa inhliziyo ayiphakelwa. Kade waba sendaweni yekhethelo enhliziyweni yami.Β
Kodwa mnta kaHarvey waqhenya kwangathi wenzela mina nje nobuhle. Le ntokazi nguLori Harvey, izalwa ngusaziwayo uSteve Harvey. YiMelikana eliyimodeli, umlingisi nosomabhizinisi. Yisingqazu esimodelela izinkampani okubalwa iDolce & Gabbana, iBurberry, iChanel, neMichael K.
Osekungithoba inhliziyo wukuthi uyihlo uyikhonzile iNingizimu Afrika, lokho kungenza ngibe nethemba lokuthi cishe soke sihlangane koMhlanga ntoni ntoni.
WeLori anginawo amaningi wena okhethekileyo kimi, ngithi nje mncwah mncwah πππ