11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 19 June 2026
Inhliziyo yami usuyibeke "oShabeni" nasemathafeni...🖤🧡❤️🖤
Inhliziyo yami yavele yenza lokhu okuthiwa, "skip a beat" phecelezi. Nkosazane angisababoni abanye, ngibona wena wedwa. Yazi umphefumulo wami usemathafeni, "oShabeni" uma ngibona wena.
Le nkosazane nguZinzi Kubheka owaziwa ngelikaZinzi Kahnish. Yisingqazu esingumculi oseqoqe izindondo kwi-African Christian Hip-Hop, futhi singuDJ owaziwa emhlabeni jikelele.
U-bootylicious mntakwethu, ngafisa ukugabisela omakhelwane ngawe, ke ukhwishize emagcekeni akwethu.
Kusebusika kodwa sengivele ngajuluka ubala, sengisola ukuthi nehathathekhi iyanginyonyobela. Ngizokushayela ucingo sphalaphala kukhona engifuna sixoxe ngakho, ngifuna sizophrakthiza ndawonye. Mhlampe 🎼o-do-re-mi-fa-so...🎼 bazohlangana.