11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 01 May 2026
Sikuphathele unobuhle
ongumlingisi wamafilimu
Wamuhle mbali
yase-Afrika...
Kodwa my sweety lavoo...
Selivele labuya ithemba ngempilo uma ngibona ukuqhakaza kwakho, okusho ukuthi uMdali kukhona asangihlelela khona. Noma ngingenakho okutheni, kodwa vuma mbal'enhle ngicubuze amagabadi noma yingoshokoledi.
Lo nobuhle nguChioma Nwaoha, ongumlingisi wamafilimu eNollywood, eNigeria.
Yintokazi ematasa lena njengoba ingusomabhizinisi, yimodeli ne-influencer. Sengishoda ngezithakazelo ntombi ngabe ngigadla ngazo manje, ngizicubuzele amagabade, kuthi mhla ngifika kwelakini le koLagos noma ko-Abuja lapho oyobe uzithukuse khona, ngifike izinto zami sezilula, sengilethelwa nangethileyi.