11 |Ezikaqedisizungu

Friday, 17 April 2026

 Hhola
Mntwana!

Angifuni ukuthi kuthiwe ngiyaziqhakstela...

Image

We muntuza, kodwa mntanomuntu ungenzani? Ake usondele eduze gojasi, ngifuna ukususa lesi siphambano esibhalwe lapho kuwe, ngibhale igama lami.

Image

Le mbali nguThandolwethu Zitha. Yintokazi ezifelayo ngokujima, ukufunda ne-soft life. Iyimodeli ngaphansi kweBoss Models, kanti futhi iyi-content creator.

Image

Ngichazwa yileso smile sakho okungathi ngeseColgate bhebi. Ngaphezu kwalokho, ugqoke nombala engiwuthandayo. Usuleke sengathi ugeza ngobisi

Image

Nkosazane angifuni ukuthi kuthiwe ngiyaziqhakstela. Ngicela ungiphendule ngencwadi evulelekile. Uyiqale ngokuthi diye swidi lami lomkhuhlane, humbugs yami...Ngiyobe sengazi ukuthi uphendula mina❤️

0