11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 27 February 2026
Uyangichaza weeeeh!
Ukube ngiyakwazi ukukhuza ngezilimi, ngabe ngiyampongoloza. Ngelosikazi wena owenza inhliziyo yami ikhohlwe nawukushaya noma ungacifela iso noma uthumele okusa-imojana enjalo 😉😉 ngiyokwazi ukuthi likhona ithemba ngami nawe.
Awungisondeze enhliziyweni ❤️yakho nana...
Namuhla sikuphathele imbali enguKetra Mutoni. Yisingqazu esidabuka e-Uganda lesi. Yinkosazane ezifelayo ngokukhangisa ngengqephu nezobuchwepheshe. Ithi ichitha isikhathi sayo ilandela ama-trend ezobuhle, ngoba ngenye yezinto ezisondelene nenhliziyo yayo.
Munuh nami ngicela ungisondeze eduze kwenhliziyo yakho, ngizoyiphathisa okweqanda. Ukube ngiyazazi izithakazelo zakho, ngabe ngiyakusho kodwa okungijabulisayo ukuthi uzogcina usebenzisa ezami. Nenza ngani kanti e-Uganda uma niphethe okhilimu abanje?
Sengihalela nokuthi bangangidingise eNingizimu Afrika, ngizohlala nawe phuma langa sikothe.