11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 13 February 2026
Anginaye umuntu ongibuza ukuthi ubaba usuthile yini...
Bengizitshela ukuthi inyanga yothando iyongifica sengiguqelwa, ngibuzwa amagama amnandi athi: "ubaba usuthile yini?" Kodwa lutho. Osekungiduduza ukuthi uMdali usangibekele okuhle uma ngibona wena.
Swirathi ngicela ube yiswidi lami leValentines ♥️💕❤️
Leli pentshisi nguLuminitsa Kimberly Jemwa (38), lingelaseZimbabwe. Lizibiza nge-global citizen, kanti lizichaza njengomuntu oyisimangaliso nosomabhizinisi okwezengqephu nezokwakha.
🏃🏿♂️🏃🏿♂️🏃🏿♂️ Ngingagijima neComrades Marathon uma ungathi, yes...
Swirathi bathi induku enhle igawulwa ezizweni, vele uvume sibe ama-global citizen sobabili. 🤞🏾🤞🏾🤞🏾Ngiyethembisa ngizogijima iComrades Marathon uma ungathi nje, yes...