11 | Ezikaqedisizungu  

Friday, 19  September 2025

 Hhola Mntwana!

Miss Bragga! Nginga-brega ngawe kuze kushone ilanga...

Kodwa Nadiya ngithi kuwe ndinokuda...
♥️❤️💕

Image

Miss Bragga!, mina nginga-brega ngawe usuku lonke ntomb' emhlophe. Awu kodwa lawo mehlo ayangishama muhlezi, kwangathi ujamele inhliziyo yami esithi ndo ndo ndo, uma ngibona wena. Woh hhe ntombi, ngithi zala abantu ziye ebantwini.

Image

Sengicabange kahle, kunganjani ngicele ibhonasi yami yize unyaka ungakapheli, ngikuthengele lokhu okuthiwa i-open khupheyi. Ungumuntu wokushaywa wumoya wakoBallito nakoMhlanga wena.  Angiwathandi wona ama-Oyster, kodwa ngingawadla uma ngifunzwa nguwe ngelosi.

Image

Namhlanje sithi hello, ku-mrapper onguNadia Nakai. Lentokazi idabuka eZimbabwe, kodwa isizinze eSouth Africa, ineminyaka ewu-35. Lo mrapper uqale ukuduma ngo-2013 kodwa ugqame kakhulu ngo-2017 ngengoma ethi, "Naaa Meaan" abebophele kuyo uCassper Nyovest. Waziwa nangengoma yakhe ethi, "Bragga" njengoba abuye aziteketise kanjalo. Kuningi asekwenzile endimeni yomculo ukuzakhela igama.

Image

 Engikuthandayo ngawe ukuthi uyazikhulumela muntuza, ngikubonile kwiYoung, Famous and African. Nadiya ngithi mina kuwe, ndinokuda ♥️❤️💓. Ngiyazi wena uzongizwa. 

0