10 | Ezokungcebeleka

Friday, 19 June 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

NGUSDUMO Mtshali olingisa uJonas, emdlalweni okhonjiswa kwiNetflix, iThe Polygamist. 

Imbokodo yethuswa yini ngokubona izenzo zikaJonas?

KODWA ningihlekiselani webantu besifazane? Yini eyenza nimangale manje uma nibuka uJonas (Sdumo Mtshali) laphaya kwiThe Polygamist?

Phela kayikho into emangazayo laphaya, buzani mina uMzala LOL. Amajita enu amatasa kabi kabi la ngaphandle.

UMzala uzwile nithi ngeke nisabathengela izipho zeFather's Day, kule mpelasonto. Yehheni!

Eyani i-drama engaka? Musani ukudlala ngabafowethu! Kodwa-ke nani majita ake nifunde ukuhlala ngensizwa, noze nilahlekelwe wokukhona ngokungekho. Khuzekani!


Image

Siyambongela uDr Musa Mthombeni ngeziqu ezintsha

He...he..he uyazi angihleki ngiyalinganisa! UMzala ucabanga ukuthi uDkt Musa Mthombeni uyile nhlobo esasikhuzwa ngayo esikoleni, ukuthi singaphiki nayo ngoba yayifike idlale kakhulu, kodwa uma sekuza emsebenzini wesikole, ivele isampule.

Le nsizwa kwi-social media ihlezi izincokolela, ibhala ama-caption amade, kodwa okumnandi ukuwafunda. Uma ithandile izincomele inkosikazi yayo, uLiesl Laurie-Mthombeni.

Phela uMzala ubethi le nsizwa isiqedile ukufunda njengoba ineziqu zobudokotela, kanti akabuzanga elangeni!

Le nsizwa ithi isiyi-Neurointerventionist,  okusho ukuthi usungayethemba ngemithambo yegazi esengqondweni.

Hhayi abakuyeke mfo kaMthombeni. Ngiyagcina ngci ukulokhu ngisineka ubala kwi-social media, abantu ba-busy la ngaphandle, thina silokhu simfumfuthana nezindaba ezingathi shu.


Image

Usevuke nge-podcast egxile kwezamabhizinisi uDJ Sgqemeza Mbatha

INDODA ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke! Awu madoda uMzala uyakubongela weDJ Sgqemeza.

Phela uMzala uzwile ukuthi usuzovuka nge-podcast egxile kwezamabhizinisi nenkolo.

Mina-ke ngiyamthanda umuntu owa aphinde azithuntuthe, hhayi ukuthi uwe bhu. 

Phela wena ubusebenzela isikhondlakhondla somsakazo, wonke umuntu afisa ukuba yingxenye yaso. Kodwa-ke asikho lapho, ngithi nje ibambe ngakho mfundisi wami, nakanjani sizoyibuka futhi siyilalele i-podcast yasemaMbatheni.

0