10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 30 October 2026
KAZI u-Asavela Mqokiyana, ubephuthuma kuphi njengoba kuthiwa ubegijima ngesivinini eseqile esiwu 198km/h.
Hhayi impela uMzala uzithola emangala, kuyacaca ukuthi ngisho bekuqhamuka enye imoto ubengeke akwazi ukuvimba imoto yakhe ngenxa yesivinini okuthiwa ubehamba ngaso.
Awusenzele kanje ntokazi ngoba phela thina sisakuthanda ukuphila. Zihambele uyohlala esiqhingini lapho ozogijima wedwa khona. Uyingozi emphakathini!
UMZALA uzwa kuthiwa iNkosi uMswati III, ithatha indodakazi yeNkosi uMduduzi 'Nyazilwezulu' Shembe.
😂😂😂 He...he..he hhayi bo, kanti mali ungubani na?
Phela leya nkosazana ibukeka sengathi ilana ko-20 iminyaka, uMzala uyazibuza, uyaziphendula ukuthi lo Wek' nene uyothatha amakhosikazi aze abe mangaki?
Phela sekuzicacele ukuthi wala okusasiketinyana okuphambi kwakhe. Kodwa-ke kuzothiwani, abadala bathi imali ayiluthezi olunenkume.
UMzala komsiza ukudlala ilotto kule weekend, kwazi bani mhlampe angaba yi-millionaire azishayele ngesithembu esithi yena LOL 🤣🤣🤣.
KUYACACA impela ukuthi uNgizwe uyasidedela isibhaxu endodeni. Ngibone uKhuzani ethula inkulumo ekhethekile enkundleni yakhe yezokuxhumana kuFacebook, egigiyela uNgizwe njengoba bexabene kulezi zinsuku, bebhinqana ezinkundleni.
Bekubonakala nje ukuthi uKhuzani uqale wayokhala, wakhipha isibibithwane ngaphambi kokuba akhulume. Nasekhanda ubemadlothudlothu, kanti injani le nduku agadle ngayo uNgizwe?
UMzala uyanikhuza, yekani ukulwa nodwa webantu baseNkandla, nizihlekanisa ngabantu bakwezinye izindawo.
UKUPHAPHA yinto yakho wena Ngizwe. Njengoba uhambe waya ePitoli wayobamba imihlangano noNgqongqoshe wezoBulungiswa kuZwelonke uNkz Mamoloko Kubayi, niyokhuluma ngodaba lwabantu bokufika, waze waphatha nabangani bakho uShansela uMelusi Zondi, yini ngampela inkinga yenu?
Anizwa yini ukuthi imihlangano efana nalena kumele uhulumeni ayibambe noNkk Jacinta Ngobese-Zuma ngoba nguyena umnikazi womzabalazo osemthethweni?
Kuyoba kancane ingekho imali ezotholakala ngale mihlangano ehlelwa uNgizwe, siyamazi phela.