10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 20 February 2026
NguMs Level noNtencane ababukeka sebethelelene amanzi.
BASUKE beqinisile uma bethi eyababili ayingenwa. Bheka nje laba baculi bakamaskandi abanengane ndawonye uMs Level noNtencane, ukuthi sebezwana kanjani ngemuva kokuxabana baze bakhiphelana nezingoma zokupiklelana.
Kodwa namhlanje uMs Level usecela abalandeli bomculo ukuthi baqinisekise ukuthi balalela i-album entsha kaNtencane. Impela ungayingeni ngempela eyabazana benqunu, ngoba uzosala uphemile okukaMzala.
NguSithelo Shozi
UMZALA uwabonile ama-shoot enu angeValentine's Day, cha benibahle bomunu. Nihlobe ngombala obomvu, kwazise phela umbala wothando.
Le ntokazi enguSithelo Shozi, hhayi bandla ayikaze yashaya eceleni, impela ukotini iyawudla.
I-shoot ethande ukuxaka uMzala ilena kaCyan Boujee, ewu ntokazi uze nenye. Ume kahle impela neBBL yakho yinhle, kodwa hhayi yehlisa kancane.
Ngu-Akhonamathemba 'Sweet Guluva' Zwane
no-Ashley Ogle.
KANTI kwa-love kunjani bakithi? Akukapheli sikhathi esingakanani lapho kwakujatshulelwa khona uthando lukaSweet Guluva
no-Ashley Ogle, beBig Brother kodwa babuye behlukana.
UMzala umangele uma lezi zithandani sezixhumana ngabameli ngemuva 'kokukhulelisana'.
Phela u-Ashley uthi uthwale ingane izinyanga eziwu- 9, wangakuthola ukwesekwa nguyise wayo u-Akhonamathemba 'Sweet Guluva' Zwane.
Kanti nayo le nsizwa ngapha ithi kayizange inikwe ithuba lokusondela, kunjalo nje ifuna kwenziwe ulibofuzo lwengane. Hhayi impela izinto ziman'ukwenzeka.
February kanti ungubani na...? Kanti awusesiyo yini inyanga yothando.