10 | Ezokungcebeleka
Friday, 30 January 2026
NGULUNGANI Rammaledi noNonku Williams
NGISHO uMzala uqobo uzozila ukudla athandazele i-relationship kaNonku Williams, wodumo lweReal Housewives of Durban.
Le ntokazi yaphumela obala ukuthi isithole uthando kuRough Diamond, kwathi kungakapheli nasikhathi esingakanani, kwaphela selimgilile leli soka.
Muva nje uNonku ufisele isoka lakhe elisha uLungani Rammaledi usuku lokuzalwa oluhle.
Ewu! Masethembe ntokazi ukuthi nizophathana kahle ngoba ngokwezithombe nibukeka nisemathandweni. Nombhalo nawo ukubeke obala ukuthi uzinzile la, kawuyi ndawo.
ISITHANDA ukuba yisono le yokubuka izingane zihleli ngaphandle kwesango
lase-Addington Primary, eThekwini.
UMzala ucela uzwelo kuhulumeni. Phela yisonto lesithathu leli kuvulwe izikole, kodwa kukhona ingane engakaze iwubone umbombo kathisha.
UMzala uyawujaja uMnyango wezeMfundo eKZN. Isimo esinjengalesi akumele ngabe siyenzeka. Umzabalazo wemfundo ezinganeni ezincane kanje, uyihlazo!
SIYI-SOUTH Africa simthanda impela uLinda Sibiya, ungumsakazi onesipiliyoni futhi siyazi nokuthi uyazifela ngomsakazo.
Kodwa-ke mfokaGidangaye, akube nomehluko uma usakaza noma uyisimenywa. Musa ukuyosakaza, le nto engibone uyenza enkonzweni yesikhumbuzo sowayenguzakwenu, ingishiye ngiphoxekile.
Phela umphathi wohlelo uyahlonishwa, ungavele ugabavule nje. Yonke into inesikhathi sayo. Ithalente lakho kasilingabazi, siyalazi. Kahle hle you have nothing to prove.
HHAYI bo ngabe Intibane isifuna ukuthatha isithembu yini?
He..he..he uMzala ubone uWelile ehleka kamnandi kabi, ebanjwe kwamancane yiNtibane.
Sicela nisicacisele uma kuza olunye udwendwe. Khona muhle phela uMaMchunu, uyintokazi ziphelele.
Sengiyambona nje eseshaye isidwaba sakhe, enyathela ngabantwana.
Uma kungukuthi benidlala, kulungile, sengisholo ukuthi phela uMzala naye akakathathi, amasango avuliwe Mawelewele.