10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 23ย Octoberย 2026
ย Pssst....
Usuzwile...
IMPI yomculi uMaWhoo noCyan Boujee, kubangwa indoda uKagiso Lerutla ingenze ngabona ukuthi amadoda anemali ayohlezi ewina.
Tshelani mina ngitshele abanye ukuthi yini ebangwa kulowa mnumzane, ngaphandle kwemali yokukhwabanisa?
Phela zikhona ezingoMzala ezingakhipha izinkomo ziphelele, kodwa uMaWhoo udlalela kude nathi. Angazi noma senikhohliwe yini ukuthi uLerutla ubhekene necala lango-2019 lokukhwabanisa. Lokho kusho ukuthi ipharishi lingaphela noma kunini njengoba kusaphenywa.
Kulungile-ke zintokazi, uMzala akazingeni ezomjolo kangako kodwa-ke nawe zama phela ukuzifihla ngoba uzophelelwa yisithunzi. Bheka nje manje igama lakho lidaphunwa ingane encane uNaledi Aphiwe, naye usho akuthandayo ngawe.
Phuma esixukwini munu.
KANTI umuntu odelelayo ukhala kanje uma sezimkhalela? Heheheh ๐๐๐ uThabani 'Putin' Hlatshwayo lo odume ngezinhlamba ezisabekayo kuTikTok nakuFacebook, kuthe uma eseboshwa amaphoyisa, wakhalisa okwe-ambulance.
We ndoda wakhala wabiza uShembe lo okade umthuka zolo lokhu ngayo yonke inhlamba esabisayo, ungasabheki nokuthi umuntu omdala lo omhlambalazayo.
UMzala uthi nje ibambe ngakho, usugcaluze kakhulu phezu kwamakhanda abantu bekuyeka ngoba besaba ukuthi uzobathuka. Kunjani makunje? Azikhale ngempela-ke manje, yiso isikhathi sokuvuna lesi.
BAQINISILE uma bethi ibhadi liyazi kubo kwalo. Zolo lokhu abantu kade bekhala ngomkhuba kaZoso wokungazwani nendlu yengwenya. UMzala uthuke woma ngesikhathi uJacinta Ngobese-Zuma ebhala ekhasini lakhe ukuthi libuyile ixoki.
Ngizwe izingane zilimemeza ixoki lidlula kuPark Street, eThekwini, uMzala uvele wafikelwa amahloni ezwa amantombazane ebangisana ngalo, enye imemeze yathi izozigezela lona.
Awusho-ke, kodwa Zoso, zolo lokhu ububhala ezinkundleni zokuxhumana uhambisana nomzala wakho othukanayo useGoli, washiya eKZN kushaya umoya. Kungapheli sikhathi esingakanani ubuyile usuyaxokiza ngempela nawe, kwenzenjani kulokhu awubuyanga nalutho eJozi noma usaqedela loyashintshi?