10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 26 September 2025
Phonsa ithawula bafo, ikwehlule le yokushadelwa
INDABA kaLebo M, isidinga ukufakelwa izibuko inkosi impela! Akukwazi phela ukuthi ungathembisa umshado kabili onyakeni owodwa ndoda, kukhona abangakaze bathenge ngisho iringi yeshebhethi.
UMzala usehluleka nawukubala imithembiso osube nayo kule minyaka eyedlule ngoba miningi kakhulu.
Isiyalo angakupha sona esokuthi, yehlela ngezansi ndoda, ikwehlule le ndaba. Wehluleke uzamile, sikhona singofakazi. Awuke ujole njengabo bonke abantu, uyikhohlwe le yomshado, ayikusebenzeli.
Isiyesabisa indlela ogqoka ngayo Moozlie
UMZALA ufisa ukuncoma uNomuzi 'Moozlie' Mabena ngomzimba wakhe otonekile. Hhayi khona ntombi usebenzile, noMzala uyawufisa lo owakho. Kodwa-ke asike silungise le yokugqoka, hhayi ngeke!
Abelungu bayibiza nge-goth look le yakho. Nakuba kuyinto eyejwayelekile kubona, kepha ayijwayeleki kithina. Inobumnyama nje obungachazeki. Awucele uMzala akuchushise kwezemfashini noma uzame uSomizi uma ungamenqeni.
Eish, cishe ngakhohlwa; kahle-hle wena nomngani wakho uDJ Zinhle ninconywephi nama-boots ama-cowboys eniwagqoka njalo nje?
Kuyacaca ukuthi lizwakala kangcono izwi lendoda enemali
NGUFELIX Hlophe nomkakhe uTracy
He..he..he... weFelix Hlophe, kodwa uyazibona unegalelo elingakanani kwabesifazane? Zolo lokhu ubhale ukuthi uyachazeka uma owakwakho eluke i-snoopy, kuvele kuthi phindela kubo uyozishaya zonke.
Uyazi engikuqaphelile wukuthi baningi abesifazane abafake izithombe zabo kuma-comment, sebeziveza ukuthi nabo baluke i-snoopy. Ncooooh waze wakubuyisa ukuzethemba kwabesifazane.
Le nto ye-snoopy kungathi izwakala kangcono uma ishiwo nguwena ngoba unemali, kodwa ukube ishiwo ngomunye, bekuzothiwa uwungoqo, yingoba engafuni ukupha owesifazane imali yokwenza ikhanda.