10 | Ezikaqedisizingu

Friday, 22 August 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

Ngumculi uZakwe oconywa ngokungabhebhezeli impi.

 Uyinsizwa eqotho Zakwe

 UMZALA uyayibonga indlela uZakwe aziphathanga ngayo, yokungagxambukeli empini yomculo yabangani bakhe.

Phela akuve kuba nzima ukuba ngumngani nabantu abangezwani njengoba kwenzeka kuDuncan noBig Zulu. Uyabona umangase kuthiwe abesifazane laba, kungabe akusakhulunyiswana ngoba izindaba zithuthwa ngapha ziyiswe ngale LOL.

 Ngiyadlala, ningaze nithi ngiyanigiva kuyinyanga yenu bantu besimame.

Uyibambe kanjalo nje mfowethu, uyinsizwa eqotho engabondi.

Image

 Yiciko uMbuso Khoza, okhala ngokungakhokhelwa imali yakhe.

  UDuma akakhokhele uKhoza, kungenjalo uzohlangana uZulu

 UMZALA iyamdabukisa lento yokuthi uMbuso Khoza angakhokhelwa imali yakhe, aze ayokhala ezinkundleni zokuxhumana ngoba izingcingo zakhe zingabanjwa.

Cha impela uDuma kaNdlovu yimbi lento ayenza kuleli ciko elinethalente nesiphiwo esiyisimanga kangaka, sokubhala nokuhuba. Kunzima nokumphikela umfoka Duma ngoba ngisho abalingisi beMuvhango bake bakhala ngaye, noChicco Twala waze wavala amasango omuzi wakhe okushuthelwa kuwo ngoba engakhokhelwe.

Ziningi kakhulu izinkinga zikamfoka Duma, nabaqoqi bentela bakwaSars nabo basadinga ukukhokhelwa.

UMzala uyazwelana nabo bonke abanye kodwa ucelela umkhaya wakhe uMbuso Khoza ukuthi akhokhelwe bandla, akungadlalwa ngaye ngoba elungile.

Image

 NguNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uNkk Nomagugu
Simelane-Mngadi

  Kazi ungqongqoshe wezeMpilo, eKZN wayephikelani ukuthi kushoda imithi

IYAXAKA le eyenziwa nguNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi yokuthi athi uvakashela amakhemisi asezibhedlela ukuyoqalaza ukuthi imithi ikhona yini. Ngokusho kwakhe uthi lokhu 'wukuvakasha okungahleliwe'...

He..he..he, hhayi ngqongqoshe unamahlaya yazi! Zolo lokhu kade uphika ukuthi imithi iyashoda naze nenza izikeshi, nishutha ukuthi imithi ikhona. Gwiqiqi, nina futhi seniyobheka ukuthi ikhona yini ngenxa yezikhalazo ezivela emphakathini ?

Lento eniyenza manje yile okumele engabe niyenze ekuqaleni, nihambe niyobheka ubuqiniso bezikhalo zomphakathi, hhayi lento yokuma entabeni kube sengathi kuqanjwa amanga.

Nihlupha kabi nina bosopolitiki ngokuphika ngisho izinto ezisobala.

0