10 l Ezikaqedisizungu
Friday, 08 August 2025
Woza Nazo Mzala!
Akekho obazi ukuthi ukhulelwe waze wabeletha
HHAYI bandla uNtando Duma-Rambani, ngiyamvuma!
Impela uma esuke ethi izindaba zakhe sizozizwa ngaye, usuke eqinisile.
Phela le ntokazi ikwazile ukufihla into enkulu kangaka yokukhulelwa. Hhayi akekho ngisho noyedwa oke wasola nje ukuthi izithwele. Okusho ukuthi unabangani abaqotho, hhayi omaMgobhozi.
Mina nginguMzala nje, ngabe kudala nje ngaphunyuka.
Yekani ukudlala ngomfo kaSampear
AKE niyeke umfana u-Aldrin Sampear (osesithombeni) adle imali ngokuthula bakithi.
Senikhalisa okwama-ambulensi-ke manje ngoba nakhu kuthiwa useqashwe eMnyangweni wezokuVakasha, nibuza ukuthi ungene kanjani.
HHawu kahleni nina bo! Uma singase sinibuze nina la nikhona ukuthi nangena kanjani, ihhe, kungaphuma amahlazo.
Manje pho nidlalelani ngomfoka Sampear? Animyeke aziphilele i-soft life njengabanye.
NAMANJE uMzala usazibuza ukuthi uBoity Thulo ubengaphuzile yini amambawu kuleya live yakhe ye-Instagram, lapho abeqhulula khona inhlamba kuyona. Le ntokazi ibivakashe eBrazil.
Kule video bekukhona owesilisa obelokhu ethi akehlise umoya ngoba kuzobizwa i-security. UBoity wathi 'Bazobiza isecurity ngoba ngingowesifazane webala elimnyama?'
Hhayi ntokazi yehlisa, akuyisikho lokhu ebesikubona.