10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 25 July 2025
NguNkanyiso Makhanya ongumlingisi noDJ Merlon.
Ubebhizi uMzala ngeledlule; usuke eDundee walibangisa eThekwini lapho bekunomcimbi weSimon Mabhunu Sabela Awards wokuklomelisa abasemkhakheni wezikamabonakude namafilimu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Ufike kulo mcimbi wazithela kosaziwayo abebeswenke beconsa. Okuvele kwamdida uMzala indlela uDJ Merlon noNkanyiso Makhanya, odlala uNjeza emdlalweni uZalo abebegqoke ngayo kulo mcimbi.
Amabhantshi abo amshiye edidekile uMzala. Madoda ngigcine ngibonile ukuthi ukhona umehluko emabhantshini enu kodwa beningaba ikhaphuli. Next time uma niyothungisa, niqinisekise ukuthi anifiki nifaniselene ngoba thina bosiyazi sizonihlanganisa nibe munye.
Angisho ukuthi ngithini kodwa benibahle nobabili kula mabhantshi enu.
NguKelly Khumalo ocule kwiDundee kuvimbe izidlakela esteji.
NGIYAKUQONDA ukubaluleka kokuphepha komculi ezindaweni abanandisa kuzona, kodwa uma sekuzoba ihaba kuthanda ukungidida.
UMzala ubehambele umcimbi weDundee July kunomcimbi wamahhashi, uhambisana nedili lomculo. Ngithe ngisazihlalele endaweni yezicukuthwane, ngabona kuqhamuka izidlakela zonogada zizungeze owesifazane kulo mcimbi. Ngithe ngithi shazi ngizama ukulunguza ukuthi ngubani lona ogadwe kangaka, ngabona uKelly Khumalo.
Ohk, angizange ngimangale kakhulu ngoba ngiyazi ungowesifazane obhekene nezingqinamba ezahlukene empilweni. Okungidide tu kube ngesikhathi esengena nazo esiteji izigansonso zakhe ebe enandisa. Hhayi bo! Ngisabe nokudansela izingoma zakhe ngendlela lezi zigansonso ebezisibuka ngayo. MaKhumalo kuyokusiza ukuthi uhlale ekhaya zize ziphele izinkinga zakho ngoba ngeke sikwazi ukudansa izidlakela zisibheke ngaleya ndlela.
NguJaji Raymond Zondo.
UMhlonishwa uJaji Raymond Zondo kancane kancane uyaqhubeka nokuzikhipha kimina, kanti bengizifela ngaye futhi ngimhlonipha.
Baba uZondo, uqonde ukuthini uma uthi abantu baseNingizimu Afrika balahlekelwa yithemba emthethweni wakuleli. Umbuzo wami, baqale nini ukulahlekelwa yithemba, kusekhona wena njengomengameli wamaJaji noma baqala manje usuphumile esikhundleni?
Jaji engilithandayo, uchithe iminyaka uyijaji, wakhula waze wafinyelela ekubeni phezulu eNingizimu Afrika. Kungani ungalibuyisanga ithemba ngoba kuyacaca ukuthi yinto esinesikhathi yenzeka?
Musa ukuzenza ngcono ngoba nakhu usuphumile esikhundleni. Qhamuka namasu ongasiza ngawo umthetho ukuze abantu babuyele, bathembele kuwona.
NguMnu Kenny Kunene oficwe emzini wosolwa ngokusoconga uDj Sumbody.
Angisho ukuthi ngiyamjaja uKenny Kunene ngokuficwa ngamaphoyisa esemzini womsolwa ecaleni lokubulawa kukaDJ Sumbody, kodwa okungenza ngibe nongabazane wukuthi wayefike kulo muzi ukuyosiza intatheli ithole udaba.
Ngiyaqonda ukuthi uKunene ungusomabhizinisi ongaba nalo ibhizinisi lomthombo wezindaba kodwa eminyakeni eminti uMzala esebenza nezintatheli, akakhumbuli ehamba nomnikazi wemithombo.
Kungabe uKunene unaluphi ulwazi ngomkhakha wezobuntatheli, lolu olungenza intatheli ize imethembe kangaka ukuthi izoluthola lolu daba uma ihamba naye?
Mhlonishwa, asizalwanga izolo kodwa angisho ukuthi angikuthembi. Uwena nonembeza wakho owazi iqiniso ngembangela yangempela eyakubeka kulo muzi. Ngiyema lapho.