Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 20 June  2025

Woza Nazo Mzala!

Image

Baze bamziba uSorisha Naidoo...

YEY' abantu bayakuthanda ukunakwa, futhi baba-hurt uma bebona ukuthi akunamuntu obanakile.

NgoLwesithathu bengiyodla i-lunch nabangani bami abangama-billionare, laphaya eRadisson Blu, eMhlanga Rocks, ngazithela kuleli celebrity laseThekwini uSorisha Naidoo.

 Asikho isidingo sokumchaza ngoba niyamazi kwiReal Housewives of Durban, futhi niyazi ukuthi ushade noVivian Reddy - by the way uMzala noVivian bango-bestie.

USorisha ungene kwi-lift ebengikuyo, abantu bavele bangamnaka. Kuvele kwacaca nje ukuthi akukho muntu onendaba naye, abantu bangamjabulela.

Ngithe ngimuzwa waphenduka wababuka, wathi "Sanibonani" esho ngokuqina emoyizela. Yey' Sorisha, abantu bazokumangaza bakuphoxe futhi ntombi...!

Image

Kazi ubani intombi kaTsekeleke🤔🤔🤔

Image

NGIYEZWA kuthiwa uMixon 'Tsekeleke' Tholo (ophakathi) uzobe eyingxenye yohlelo iLose it or Lose Me olugxile ekutheni umuntu ehlise isisindo, uma ehluleka isinqandamathe sakhe siyamshiya.

Siyakubongela Tsekeleke ukuthi uyisukumele le ndaba yesisindo sakho esiwu-195kg, esiphezulu ngendlela esabisayo.

Kodwa-ke okungixakayo wukuthi angikaze ngikubone nentombi,
manje-ke uMzala uyazibuza ukuthi kazi ngubani lo ozokulahlekela uma ungasehlisi isisindo. Ngicela ungifonele, ungihlebele ukuthi unayo yini intombi - ingubani.

0