Ezikaqedisizungu | 10

Friday, 30 May 2025

Woza Nazo Mzala!

Image

 Ngu-Enhle Mlotshwa

Shadani asinamona...

AYACIKA ama-celebrity uma esesifaka emishadweni yawo ngoba isibhidlikile.

Kodwa lesi siphalaphala
esingu-Enhle Mlotshwa, uMzala uyasidabukela ngempela. Phela siphumele obala ngokuthi kasizange siphinge sona kodwa umyeni uDJ Black Coffee owaphinga, waba nezingane ezimbili ngaphandle komshado wabo.

"Kwathi sekunezingane ezimbili kwabesifazane abehlukene, ngamtshela ukuthi 'Wena awungithandi, eqinisweni uzongibulala'. Ngaphelelwa ukumhlonipha. Ngamxolela engazange axolise, ngazixolela nami,"kusho le ntokazi.

 Hhayi bahlali sengibone kahle, andizi emshadweni
!!

Image

 NguDJ Naves

Nami bengizoslyza njengawe Naves...

Yehlisa umoya DJ Naves, awu bandla ubusuzitshelile ukuthi uhleli ezihlalweni zama-VIP emcimbini womshado phakathi kweCarling Black Label neMamelodi Sundowns ngoLwesibili, eGoli.

Kuthe isijampa, bekususa esihlalweni ukuze kuhlale abadlali, wabonakala ebusweni ukuthi idle ugwayi. Mina mngani wami, nami ngiyimina bengizolishaya ikhona njengoba wenzile.

Kuzoba sharp ngelinye ilanga wena Naves, ziyenzeka lezinto skhokho sami.

Image

 NguTlhopie Mostepe

We Tlhopie iyokushaya impakamo

We Tlhopie Motsepe mfana kaPatrice, usithathaphi isibindi esingaka, sifike sikumele ushaywa yisikhathi, bese uthi wena ujahile kunezinto omatasa ngazo.

Yeyi mfana wami iyokushaya impakamo, ngiwabekile ama-team aphesheya kwezilwandle kwiClub World Cup eqala ngoJuni!

Yehlisa boy, uhloniphe
ama-grootman akho ngoba uyodilika kuleso stebhisi, sikaKhuzani Mpungose uzobe ususidinga eduze kwakho.

0