10| Ezikaqedisizungu
Friday, 09 October 2026
UMZALA akakukhonzile ukuvulela embotsheni yophuthu, kodwa le yomculi kamaskandi, uSnqamu Sodidla, iyakhulumisa ma-customer amahle.
Phela leli jongo lifike zolo lokhu, kodwa indlela eseliphakeme ngayo, seledlula omakadebona.
Abaseduze kukaSnqamu, abangitshelele yena ukuthi isikhathi sodumo sifishane kakhulu kule ndima yezikaqedisizungu.
Namhlanje udumile, kusasa sesikukhohliwe.....bhasobha baba ungazifakeli isigcwagcwa.
UMzala uyawathanda la mawashi akho agcwele ingalo, awumboleke noma elilodwa nje.
SIYISIZWE, siyafisa ukwazi ukuthi ngubani lo osefake idungamuzi phakathi kukaJacinta Ngobese noNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, ngoba phela bebeyibambe kahle le yokuxosha abantu abaseMzansi ngokungemthetho.
Sekucacele noma ngubani ukuthi ishiphelene.
Bekungakuhle bahlale phansi baxoxe ngoba kubukeka sengathi usemkhulu umsebenzi okumele basenzele wona.
UMzala umangele uma ebona izinkumbi zabokifika ziya kwaHome Affairs, kwazicacela ukuthi kukhona ababecashile, abangagodukanga, ngesikhathi “somnqamulajuqu hamba khaya”, okwakuwumhla ka-30 kuJune.
Kodwa-ke nohulumeni wethu uyadlala ngezakhamizi zakuleli. Bazobekwa kuphi laba bantu? Bazosebenzaphi?
KUNEZINTO okunzima ukuzibekezelela kuMzala, yize engumuntu okwaziyo ukubekezela izimo ezinzima.
Thabani “Putin” Hlatshwayo - lo onenhlamba enga-kick starter leli bhanoyi okuthiwa yi-Antonov An-124 Ruslan - yehlisa manje khehla.
Hawu! Umuntu aqhulule inhlamba sengathi uthukela ipuleti njengomculi we-rap!
Uma kuwukuthi kukhona umphuphe okusizayo ngale nto, suka eduze kwawo. Okubi nje wukuthi kawubhekisi inhlamba yakho kubangani bakho laba olokhunja nabo, ugcina usukela nabantu abadala.
Ngeke ngithuke nje uma ungithuka nami, phela wena inhlamba sekuyi-oxygen la kuwena.
OKWEHLULA amadoda kuyabikwa. Webantu base-Eastern Cape, ake nitshele mina, ngitshele abelungu; yini le eculwa yilo mbhemu enithi nguValangentsimbi, lo oshaya le ngoma ethi, “Impumelelo”?
Kangazi noma yi-askandi noma yi-skandi, kodwa yona uma uyilalela, ino-ndi, but akuwona umaskandi.
Kanti-ke uma uzoyilalela ngezindlebe ezingadumi izikweletu, inomlayezo.
Nokho uMzala uhlulekile wukubamba insini; khona nje lapho esethi “Ndihalela ih! Ndihalela ih! “Ndihalela ih! “Ndihalela ih!” Ungathi yiqhude lifunda ukukikiliga.