10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 02 October 2026
IYAXAKA indaba yamabutho angene ehlomeka engqungqutheleni yamakhosi. Kanti ngempela sekuyini umsebenzi wamabutho.
Okuphoxe nakakhulu uMzala, yile yokuthi bekukhona uPhakelumthakathi phambili, indoda engiyihloniphayo futhi nayo engiyazi ihlonipha. Kodwa ngemuva kwalesi senzo, iningi likhalile ezinkundleni zokuxhumana futhi bekufanele....wubudlabha le nto eniyenzile.
UMZALA iyamchaza le nto eyenziwa yijongo elinguTbo Touch kwiMetro FM.
Phela laphaya kwaMetro, bamema iciko likamaskandi njalo ngoLwesine kudlalwe izingoma zalo. Okuhlaba umxhwele uMzala yindlela uTouch agqoka ngayo, ufaka
o-brentwood azicuphise okwejongo, kokunye afake umqhele.
SiwuZulu sizokusikela umhlaba, kancane kancane uyavela ukuthi ungumZulu...😂😂😂 LOL
USHADRACK Sibiya ukucacise kwasobala ukuthi kwesinye isikhathi umuntu uyaba nayo yonke into empilweni kodwa azowiswa yinto encane.
Tshelani mina ngitshele abanye ukuthi umuntu osephumelele ngale ndlela empilweni, angalala nengane eluhlaza cwe, bese athi bekuvunyelwene.
Impela unehlazo lo baba, ingane encane ngisho kunezakhe, uyibuka kanjani nje ngamehlo ocansi. Ijele limfanele, kumhlulile ukwaneliswa wumnotho abewuthola ngokukhwabanisa.